UKUVUNWA kweKaizer Chiefs yisinqumo sikamehluleli weSafa kubukeka kuzophinde kuyinike elinye ithuba lokushisa umbango ezimbangini zayo, iMamelodi Sundowns esalokhu iqhwakele njalo esicongweni se-log yeDStv Premiership futhi ivule ugabagaba lwegebe.
IChiefs esalelwe yimidlalo eyishumi (uma kubalwa nowayizolo ewudlale neLamontville Golden Arrows) ngemuva kokulinda isikhathi eside ngamehlo abomvu isinqumo sikaMehluleli uNazeer Cassim, obejutshwe yiSafa, ligcine liphume nobovu kuleli qembu emva kokuvunwa kwalo yisinqumo ngodaba lwemidlalo leli qembu elingakwazanga ukuyidlala ngoDisemba.
IChiefs ibilufake kumahluleli daba lwayo ifuna lusheshe luxazululeke. Isinqumo sizoyifaka enkanankaneni iPremier Soccer League (PSL).
Ngakho-ke ukulahlwa kwePSL yicala kukhomba ukuthi imidlalo emibili iChiefs eyagcina ingakwazanga ukuyidlala ngenxa yokuhlaselwa yiCovid-19, izobuyela ensimini.
Ukube beliyilahlile la maqembu okwakumele idlale nawo - iCape Town City neLamontville Golden Arrrows - abezogixabezwa mahhala ngamaphuzu amathathu iqembu ngalinye.
Ukubuyela kwale midlalo enkundleni kuchaza ukuthi umbango wesicoco seligi usungaphinde ushise phansi yize abantu abaningi nezingqapheli zebhola bese bebona iSundowns isihambe naso.
Emuva kwesinqumo sakamuva, iChiefs ibe seyizwakalisa ukuthokoza ngokuvunwa ngumahluleli ecaleni ebeseliyindaba egudwini.
"IKaizer Chiefs ikujabulele ukuthi ubulungiswa benzekile ngesinqumo sikaMehluleli u-Advocate Nazeer Cassim SC esikhishwe ngoLwesihlanu ntambama.
"Lokhu kulandela ukuthi iqembu liphonsele inselelo isinqumo sePSL sokubeka Amakhosi icala lokungakwazi ukudlala imidlalo yawo emibili ngoDisemba emva kokubhebhetheka kweCovid-19.
“Isinqumo esasithatha sokucela ukuba le midlalo ihlehliswe ngasekupheleni konyaka odlule sasisithathiswe wukubhekela ukuphepha kwawo wonke umuntu.
“Imindeni yethu, ozakwethu ebholeni nabo bonke abanye abasebenza ebholeni.
“Manje njengoba le midlalo seyizodlalwa, kuwubulungiswa ukuthi amaphuzu asiphunyuke noma siwawole ngokudlala bese sidliwa noma siwine, hhayi ukuthi athathwe etafuleni.
“Sifisa ukubonga wonke umuntu obesesekile. Siyabonga nokuthi isinqumo sizokhombisa ubuqotho bethu kubaxhasi bethu, abalandeli, nabaxhasi bePSL.
“Sibona kwenzeka ubulungiswa ngalesi sinqumo futhi sesikubheke ngabomvu ukudlala le midlalo yeDStv Premiership," sifundeka kanje isitatimende seChiefs.