UYAMUKELE inselelo abazobhekana nayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) umqeqeshi weqembu lesizwe labafana lika-Under 17, uDuncan Crowie, ezakhe ziboshelwa eqoqweni B kuqhathwa amaqembu ngoLwesithathu.
Lo mqhudelwano uzobanjelwa e-Algeria, kusuka ngo-Ephreli 29 kuya kuMeyi 19.
Eqoqweni B, Amajimbos azoshukana nomakhelwane, iZambia kanjalo neNigeria neMorocco.
Eqoqweni A; kukhona osokhaya i-Algeria, iSenegal, Congo neSomalia kanti ku-C kufakwe iCameroon, Mali, Burkina Faso neSouth Sudan.
Amaqembu amane azofinyelela kweyandulela owamanqamu azophinde azibekisele izindawo kwi-2023 U/17 Fifa Men’s World Cup ezodlalelwa ePeru, ngoNovemba.
Amajimbos angene kwi-Afcon ngokufinyelela kowamanqamu emqhudelwaneni weCosafa odlalwe ngoDisemba, nyakenye, nowawuyingxenye yama-Regional 5 Games eLilongwe, eMalawi.
Kulowo mdlalo wamanqamu aguqiswa yiZambia ngo-1-0.
‘’Yebo, leli yiqoqo elinzima impela kodwa yinto elindelekile ebholeni. Abadlali bayathanda ukudlala namaqembu aphezulu ngakho leli yithuba eliyingqayizivele lokubonakalisa ukuthi bangenzani uma bebhekene namaqembu ahamba phambili e-Afrika,” kusho uCrowie.
‘’Uma singadlula kuleli qoqo bese singena kowandulela owamanqamu kuzobe kuchaza ukuthi kusifanele ukudlala eNdebeni yoMhlaba. Singakwenza lokho kuphela ngokushaya amaqembu ayingozi kuleli zwekazi lethu.
"Sesiwubheke ngabomvu umqhudelwano kodwa namalungiselelo ethu sekumele aqine."
Umqeqeshi weZambia, u-Ian Bakala, ulijabulele ithuba lokubhekana neqembu alazi kahle laseNingizimu Afrika, futhi ukholelwa ekutheni maningi amathuba okuthi baphinde bazidlulele kuMajimbos.
"Ngicabanga ukuthi yiqoqo elihle. Uma ngibheka indlela eliyiyo, iqembu elisaziyo yiNingizimu Afrika futhi nathi siyalazi. Siyalethemba iqembu lethu futhi sisazolicija sengeze nabanye abadlali," kusho uBakala ekhuluma neZambian Football Association.
"Sidlale neNingizimu Afrika sayihlula kabili emqhudelwaneni odlule eMalawi. Akuyona into enkulu kithina ngoba iZambia ijwayele ukuyidla iNingizimu Afrika emaqenjini amancane. Ngicabanga ukuthi yibona abangaphansi kwengcindezi."
Le midlalo ye-Afcon izodlalelwa ezinkundleni ezintathu, iNelson Mandela Stadium e-Algiers, iChahid Hamlaoui Stadium eConstantine neMay 19 1956 Stadium e-Annaba.