IPHINI lomqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lombhoxo, uDaan Human, lilindele zizwane amandla izikhondlakhondla zawo womabili amaqembu uma sebebhekene neTonga emdlalweni wamaqoqo eNdebe yoMhlaba ngeSonto.
La maqembu azotholana phezulu eStade Velodrome, eMarseille, ngo-9 ebusuku emdlalweni omqoka kuwona womabili.
AmaBhokobhoko azongena kuwona efuna ukuvala ngewini kuPool B ngemuva kokushaywa yi-Ireland ngo 13-8 eParis ngempelasonto edlule.
Ngaphambi kwalokho abenqobe kabili, eguqisa iScotland ngo 18-3, athela phansi iRomania ngo 76-0. Iqembu lakuleli libambe indawo yesibili kuleli qoqo ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emithathu. Lisele ngamane kwi-Ireland nayo esidlale kathathu kanti liyishiya ngamahlanu iScotland, esadlale kabili.
ITonga ayikacoshi nelilodwa iphuzu, okusho ukuthi kufanele liwanqobe amaBhokobhoko futhi lishaye nenqwaba yama-try ukuze lizibeke ethubeni lokudlulela kuma-quarter-final.
UHuman uthe amaBhokobhoko kufanele aqaphele njengoba iTonga inabadlali abanamandla phambili abangase babe wuhlupho uma sebedudulana kuma-scrum.
“Esigxile kukho kuleli sonto yiTonga kuphela, asibhekile okungale kwalokho. Kumele sibashaye ukuze sidlulele esigabeni kuma-quarter-final,” uHuman ubeke kanje.
“Okumqoka kithina kule mpelasonto wukuthi siwine. Lokho kusho ukuthi kumele senze kahle kuma-scrum nama-maul, sithole amaphuzu esiwadingayo ukuze sidlulele phambili.
“ITonga ihlome ngabadlali abanesisindo namandla, iyingozi kakhulu kuma-scrum. Sibabonile befaka i-Ireland ngaphansi kwengcindezi ngakho siyazi ukuthi kuzoba nzima.”
Umqeqeshi weTonga, uTotei Kefu, uthe akuselula ukuthi iqembu lakhe lidlulele esigabeni somkhumulajezi ngemuva kokuhlulwa kabili kodwa ugcizelele ekutheni basazolwa uma bebhekene namaBhokobhoko nasemdlalweni wabo wokugcina wamaqoqo neRomania.
“Sihlezi sidlala ngokuziqhenya, yilokho esihlale sifuna ukukukhombisa enkundleni. Sifuna ukudlala ngendlela ezokwenza siziqhenye, iphinde futhi yenze imindeni yethu kanye nezwe lethu baziqhenye ngathi,” kusho uKefu.
“Sizothatha umdlalo ngamunye njengoba sihlale sisho. Kuyinselelo enkulu ukubhekana neNingizimu Afrika. Asijwayele ukuthola ithuba lokudlala namaBhokobhoko ngakho kangingabazi ukuthi abafana bazozimisela.”
INingizimu Afrika neTonga basadlale kabili kuphela, amaBhokobhoko anqoba ngo 74-10 ngo-1997. Adlula ngo 30-25 eNdebeni yoMhlaba yango-2007.