NAKUBA eqale ngebatha esihlalweni sobukhosi kwiKaizer Chiefs kodwa uCavin Johnson, oseshaywe kabili emidlalweni emithathu kusukela ethathe izintambo, akacabangi ukuthi uzifake enkingeni ngokungena esikhundleni sikaMolefi Ntseki, asuswe kusona kungasemnandi.
UJohnson oseneminyaka eqeqesha esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika, ubesebhentshini okokuqala kwindumezulu yomdlalo wabakhaya phakathi kwezakhe, iChiefs ne-Orlando Pirates ngempelasonto e-FNB Stadium, eSoweto.
Yize ekhale ngaphansi ngo 1-0 kulo mdlalo weDStv Premiership, uJohnson oke wasebenza njengephini kwi-Al Ahly yase-Egypt, uzwakalise waphinde wakhombisa izimpawu zokungathuswa okwenzekile ekubeni kuneqeqeba labalandeli beChiefs elinomlando wokuhluthukelwa yizinhliziyo uma bephikwe imiphumela.
Kowokuqala kaJohnson kusukela ethathe izintambo kuNtseki, behlulwe iLamontville Golden Arrows, okulandelwe ukunqoba kwiCape Town Spurs kobubukwa izihlalo njengoba sebezoshaywa iPirates ngegoli lika-Evidence Makgopa, ngoMgqibelo.
"Kubi ngoba amaphuzu ahamba nePirates kulokhu kodwa bekuwumdlalo oseqophelweni elilindelekile kwazise bekubhekene izinkunzi zebhola laseNingizimu Afrika," kusho uJohnson esithangamini nabezindaba.
"Baningi abebengibuza ngaphambi komdlalo ukuthi akungigxabhiseli yini ngesisu ukuthatha lo msebenzi nokuba ingxenye yalo mdlalo omkhulukazi. Bonke bathole impendulo ethi cha!
"Akufanele kube nesimo esikwenza ugxajelwe isisu uma ungumqeqeshi ezingeni elikhokhelayo. Ngikujabulele ukuba ingxenye yomdlalo futhi angizisoli ngokuthatha umsebenzi wokuqeqesha iChiefs," kuqhuba yena.
UJohnson ofike kwiChiefs ezovala isikhala esivuleke ngokususwa kukaNtseki obenebhadi lokuhlaselwa abalandeli uma iqembu liphikwe imiphumela uthe, kuyena umsebenzi olula ukuqeqesha iChiefs.
"Kimina ukuqeqesha iChiefs into engiyibona ilula ngoba isisekelo seqembu siqine ngokwanele kanti nomlando walo ngeke uwufanise nowamanye. Okufanele sikwenze thina esikhona manje ukusika iphethini kulaba ababeke iChiefs esicongweni eminyakeni edlule.
"Ingcindezi idalwa abezindaba ababhala ngendlela evuna bona kwesinye isikhathi kodwa futhi kuyiqiniso ukuthi ubukhulu beqembu busho (nobukhulu) besibalo sabantu okufanele ubajabulise okuyinto esimatasa nokuyilungisa.
"Abantu bazitshela ukuthi kunzima ukuqeqesha iChiefs kodwa ngokwami akunjalo. IChiefs iyohlale iyiChiefs ngakho-ke thina esikhona manje kufanele samukele ukuthi sinejoka lokubuyisa udumo kodwa okuhle ngalokhu ukuthi umlando weqembu uwodwa, uyisibonelo sephethini okufanele siyisike," kusho uJohnson ejobelela ngokuthi ufisa kushintshwe umthetho ngendlela abalandeli abahlaliswa ngayo enkundleni kowabakhaya.
Lo mqeqeshi obenza-65 weminyaka ngoMgqibelo, ufisa kwenzeke njengekwamanye amazwe lapho iChiefs izohlala yodwa nabePirates babe bodwa.