UKUNQOBA akusikhona okuzoba kubusa umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos uma esehola elakuleli emidlalweni emibili yobungani.
IBafana izokwamukela iNamibia ngoMgqibelo kowokuqala wobungani e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama. Lo mdlalo uzolandelwa ngoweDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoLwesibili oluzayo enkundleni efanayo.
UBroos ekhuluma nethimba labezindaba leSafa ngemuva kokuthi iqembu seliziqeqeshe kabili ngokugcwele, uthe iso lakhe lizohlala kubadlali okuvalwe ngabo izikhala zabalimele nalaba abangalijwayele ijezi ngenhloso yokubona ukuthi bakhona yini abazoziveza ngendlela yokuthi abazibeki ngokuzayo.
Ngale midlalo yobungani uBroos ulungiselela imidlalo eqala ngoNovemba yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ne-Africa Cup of Nations (Afcon), ezokuba se-Ivory Coast ngoJanuwari wonyaka ozayo.
Nakuba ukulimala kwabadlali athe kuzinyomfile izinhlelo zakhe kodwa lo mqeqeshi waseBelgium, ubona kukhona angakuzuza ngale midlalo yize engasayibhekile iwini.
IBafana ayiyazi induku emidlalweni eyisikhombisa edlule kodwa uBroos ukubeke kwacaca ukuthi iwini akuyona into azobe egxile kuyona kule midlalo.
“Belivele likhona iqhinga lokushintsha isikimu ngenhloso yokubona abadlali esingabajwale kungakahlaseli lokhu kulimala (kwabadlali) osekunyomfe izinhlelo zethu,” kusho uBross.
Abadlali abafana noLebohang Mothiba, Kabomelo Kodisang, Grant Margerman, Siphephelo Sithole noMonnapule Saleng ngabanye babadlali abasethubeni lokuzifaka kuBroos yize engabasho ngamagama.
“Sifuna ukubona wonke umuntu ngakho-ke uma uzoshintsha abadlali abaningi ngale ndlela esizokwenza ngayo uma uzoqhathanisa nesikimu esigile izimanga emidlalweni edlule, kufanele ukwamukele ukuthi kungenzeka ungawini.
“Ukunqoba akuyona into emqoka kunazo zonke kule midlalo ngoba uma sishayiwe kodwa ngabona okuningi okuhle kubadlali engingabajwayele, ngiyobe senginolwazi lokuthi yini okufanele ngiyenze uma ngihlangabezana nenkinga ngokuzayo,” kusho uBroos.
Uthe bayazi ukuthi ukushaywa ngeke kubajabulise kodwa kule midlalo emibili uzoyiziba indaba yewini agxile kubadlali ngenhloso yokuqonda ukuthi bakhona yini okubafanele ahambe nabo emidlalweni yangoNovemba ngoba yilapho ezobe esebheke khona iwini, hhayi okunye.