IPHINI lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi liziphendulele okokuqala kwabalisola ngobugwala ngokungashiyi eChloorkop, ekubeni kuvele ukuthi kukhona amaqembu abemfuna ukuthi azoba yinhloko yabaqeqeshi kuwona.
UMngqithi ubesesithangami sabezindaba sowamanqamu eMTN8 ozoba phakathi kwamaBrazilians ne-Orlando Pirates, kusasa, ngo-6 ntambama, eMoses Mabhida Stadium.
Esithangamini ebesiseMhlanga, eThekwini, eZimnyama bezimelwe nguSergio Almenara oyiphini likaJose Riveiro.
Ngasekupheleni kwesizini edlule kuqubuke izinkulumo ezithi uMngqithi uzowashiya amaBrazilians ngoba besekuphela inkontileka yakhe.
AmaZulu ngelinye lamaqembu okuvele ukuthi ayamfuna.
Kuqubuke le mibiko kungakapheli sikhathi eside ehlisiwe esikhundleni sokuba yinhloko yabaqeqeshi, esigcine sinikwe uRhulani Mokwena.
Ngemuva kokuthi sekucacile ukuthi akayindawo, kube nokukhuluma okwehlukene. Babodwa abamsole ngokuthi usaba inselelo yokujoyina amanye amaqembu.
Eziphendulela uvele wahleka kancane maqede wathi: “‘Ngenhlanhla eNingizimi Afrika kunelungelo lokukhuluma noma yini. Abantu baphinde babe nenhlanhla yokukhohlwa, bakhumbule abakuthandayo.
Uma ngikhumbula kahle, kuke kwaba nesikhathi ebengiwumqeqeshi omncane kunabo bonke kwiPSL.
I-KZN beyineLamontville Golden Arrows kuphela. Amanye amaqembu abecijwa ngabaqeqeshi abanamava nababezibona bengcono kunami. Ngebhadi badliwa yizembe. Mina ngayibamba i-Arrows kwaze kwaba ngiyahamba.”
Uqhube wathi: "Kuyadida ukuthi kuzothi sengikuleli zinga bese kuqhamuka umuntu ozothi ngiyesaba ukuhamba noma nginethezekile lapha ngikhona.
Uma uzolalela konke okushiwo ngabantu ungagcina uphuma endleleni. Esikhathini esiningi kuyabheda ukuthatha izinqumo zeningi.
Uma abantu bethi yenza okuthile, kumele uhlehle bese iyazibuza ukuthi yini le abafuna ukuyibona. Mina ngisebenzisa umqondo esikhundleni semizwa. Ngicabanga ukuthi yiko okunginika amandla okuya phambili ngaso sonke isikhathi.
Uma ngithatha isinqumo angilindeli ukuthi abantu bashaye ihlombe.“
Ebuzwa ngokwehliswa kwakhe esikhundleni, uthe:"Ebholeni asikho isikhundla saphakade. Sikulo mdlalo ngoba sithanda. Senza esikholelwa ekutheni kuhle.“
Mayelana nokubhekana nePirates kowamanqamu, uthe ngeke balenze iphutha lokufaka emakhanda abo ukuthi izitha zabo kazenzanga kahle emidlalweni edlule, nokuthi bagcine bezishayile.
Selokhu le nkomishi yaxhaswa ngabeMTN, iSundowns isayinqobe kabili. Igcine ukuyinqoba ngo-2016.
"Sidlala neqembu elihlelekile. Sikubonile lokho emidlalweni edlule. Kuhlale kunzima ukuthi iSundowns inqobe iMTN8. Ngikhuluma nje selokhu ngafika kwiSundowns sisayinqobe kanye. Singenza kahle kwiligi kodwa ngoMgqibelo kuzoba wumdlalo ohlukile," kubeka uMngqithi.
Selokhu uRiveiro no-Almenara befike kuleli abakaze bashaywe emidlalweni yezinkomishi. Ngesizini edlule banqobe iMTN8 neNedbank Cup.
U-Almenara uthe bathandazela ukuthi uziphinde umlando wanyakene benqoba iMTN8.
"Njengoba sidlala ngoMgqibelo, emqondweni kubuya okwenzeka eMabhida sinqoba iMTN8. Nakuba kuzoba nzima kodwa sifisa kwenzeke okufanayo.“
Ebuzwa ngemfihlo yabo yokunqoba izinkomishi ngesizini yabo yokuqala, uthe: "Akukho mfihlo etheni, wukusebenza kanzima nokukwazi ukuhlukanisa imiqhudelwano. Nakulokhu sizolwa ngakho konke, ukuze abalandeli bethu bahlale bejabule".