PHEZU kokuba uSiboniso Sikhakhane ezobe eqala ukugijima iSoweto Marathon engomunye wemijaho ehlonishwayo kuleli, uzimisele ngokubalwa kwabahlanu abazoqeda kuqala.
Umjaho ungeSonto, eFNB Stadium, eNasrec eGoli. Ebangeni lika-42.2km isibhamu sizoqhuma ngo-5.30 ekuseni. Kukhona nebanga lika-21.1km nelika-10km.
Ngenxa yokuhlasela kweCovid-19, iSoweto Marathon yagcina ukugijinywa ngo-2019.
USikhakhane (31) akukakaphel isikhathi eside engenile kwezokusubatha kodwa seziqalile ukuzwakala izigi zakhe.
Lo nyaka umphathe kahle. Uqale ngokulala endaweni yesibili kwiPrince Mangosuthu Ultra 52km Marathon. Wenze isikhathi esiwu-3:00:19. Ugijime okokuqala kwiTwo Oceans 56km Marathon, waphuma endaweni yesithathu ngo-3:11:31.
USikhakhane oqeqeshwa nguMdu Khumalo ngaphansi kwePhantane AC, uthe amalungiselo eSoweto Marathon ahambe kahle.
"Amalungiselo eSoweto Marathon ngiwaqinise kakhulu ngoSepthemba. Ngize ngawalungisela ngeSanlam Cape Town Marathon ngo-Okthoba 16. Kwi-42.2km ngiphume emzileni sengiku-24 km. Indlela yezinga eliphezulu engijime ngayo yiyona enginika ithemba lokuthi ngizokwazi ngeSonto ukungena kwiTop 5.
“Ngeke nakancane ngizeye. NakwiTwo Oceans ngaya ngingaziwa kodwa ngifike ngenza kahle. Ukulala kwabahlanu ngeSonto kungawenza ube muhle uKhisimusi wami," kubeka uSikhakhane waseSection 7, eMadadeni eNewcastle.
Ebangeni lika-42.2km abazoshaya intambo kubona bobubili ubulili bazogoduka nesamba sikaR250 000. Kweyesibili kubekwe uR120 000 bese kuba noR90 000 kweyesithathu.
Abazonqoba ebangeni lika-21.1km bazothola uR10 000 bese kuba wuR5000 kwelika-10km.
Igcina ukugijinywa iSoweto Marathon ngo-2019, kwi-42.2km, kwabesilisa akekho noyedwa wakuleli awaphuma kwabahlanu abaphambili. Intambo yashaywa uDebeko Dakamo Dasa wase-Ethiopia (2:18:35). Kwabesifazane elakuleli lasindela u-Irvette Van Zyl owanqoba ngesiwu-2:34:01.
Kucashunwe uSello Khunou ongusihlalo weSoweto Marathon Trust, ethi sebevele bathole imingenelo engu-20 000.
Kulo nyaka sikhulu isikhalo kubagijimi ngokumba eqolo kwemali yemingenelo. Kwi-42.2km, wuR400, kwi-21.1km kube uR300 bese kuba uR200 kwi-10km.
UKhunou ukhale ngokubheda kwesimo somnotho nokungabi nabaxhasi kwalo mjaho.