UZWAKALA ekubalekela uJose Riveiro ongumqeqeshi we-Orlando Pirates, ukuqhosha ngerekhodi lokungahlulwa nakowodwa umdlalo wezinkomishi zakuleli selokhu ethelekile.
NgeSonto, eZimnyama zizobhekana neStellenbosch emlenzeni wesibili owandulela owamanqamu weMTN8, ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium.
Ziya kulo mdlalo kunenhlansi yethemba lokudlulela kowamanqamu futhi zinengcindezi ngakolunye uhlangothi.
Emlenzeni wokuqala zinqobe ngo 2-1 kobusekuhambeni.
Nokho zizoya kowangeSonto ziphuma ekushayweni emidlalweni emibili kulandelana.
NgoLwesithathu, zihlulwe ngo 1-0 iMamelodi Sundowns koweligi. Nakowandulela lo mdlalo bezidliwe ngendlela efanayo yiJwaneng Galaxy yaseBotswana, kowokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Champions League.
Okuyizindaba ezinhle ukuthi uRiveiro waseSpain, selokhu efike kuleli ngoJuni, wanyakenye, usayinqobe yonke imidlalo yezinkomishi.
Uqale ngayo inkomishi yeMTN8, wasonga isizini ngeNedbank Cup.
Kwisithangami sabezindaba, izolo, eGoli, uthe akanamfihlo ngaleli rekhodi kodwa usizwa ukwazi umehluko phakathi kwemidlalo yomkhumulajezi neyeligi.
"Uzicacele umehluko phakathi kweyeligi neyezinkomishi. Ngemuva kosuku lwangeSonto akukho okuzophinde kusihlanganise neStellenbosch emqhudelwaneni walo nyaka. Kuphakathi kokuthi siqhubekela phambili noma sibuyela ekhaya. Lokhu kwenza siwuhlelele ngenye indlela lo mdlalo. IStellenbosch izobe ingazile ukuzofuna amaphuzu amathathu kithina, kuzofana nokuthi size kowamanqamu.
"Sihamba phambili ngo 2-1. Lokhu kwenza kube umdlalo wamaqhinga anhlobonhlobo. Kuphakathi kokuthi iStellenbosch izohlasela zisuka noma izoza neqhinga lokuthi umdlalo uqhube isikhathi eside kuyiqanda nhlangothi zombili. Mhlawumbe izofuna ukuhlasela esiwombeni sesibili," kubeka uRiveiro.
Ukubeke kwacaca ukuthi kuzosho ukuthi usendaweni engafanele umdlali ozozithela ngabandayo ngeSonto.
"Sidliwe emidlalweni emibili edlule, kumele lokhu kushintshe. Kanginandaba ukuthi kuzobe kudlala bani, ekugcineni kumayelana neqembu. Kumele sidlale njengoba senzile esiwombeni sesibili kade sidlala neSundowns. Izinto zingabukeka zinzima kodwa ngiyazi sizophumelela.“
Kunzima kakhulu kwiStellenbosch njengoba sekuphele emihlanu inganqobi. Idliwe emine kuhlanganisa nowomlenze wokuqala weMTN8. Idlale ngokulingana koweLamontville Golden Arrows. NgoLwesithathu, ishaywe iMoroka Swallows ngo 2-0.