ISITOBHA se-Orlando Pirates, uThapelo Xoki, siqinisa idolo umdlali osemncane uRelebohile Mofokeng ngokuthi aqhubeke nokushaya amaphenathi phezu kokuba imehlulile bekhishwa kwiCaf Champions League.
UMofokeng, osanda kwenyuselwa esikimini esikhulu sePirates esuka kweseDStv Diski Challenge, uyena kuphela ovinjelwe iphenathi ngunozinti uGoitseone Phoko ngesikhathi leli qembu lehlulwa yiJwaneng Galaxy yaseBotswana, emdlalweni wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo ngempelasonto edlule.
Iningi ligxeke abadlali abadala beZimnyama ngokudedela uMofokeng eshaye iphenathi ngesikhathi kunengcindezi.
UXoki uthe uMofokeng usazoyishaya iphenathi uma ithuba livela.
"UMofokeng ubesilindele lesiya sikhathi. Amaphenathi avuna noma ubani. Kungenzeka kunoma ubani. Ngebhadi kwenzeke kuyena. Ngemuva komdlalo, yebo ubephatheke kabi kodwa ngosuku olulandelayo ubebukeka esekudlulisile. Lokho kwenze izinto zaba lula kwazise akusekuningi okufanele sikwenze ukumkhuthaza ngoba usekwenzile yena lokho," kusho uXoki.
"Manje sekufanele simgqugquzele kakhulu. Asazoba maningi amathuba akhe okushaya amaphenathi. Uma ithuba livela uzowashaya ngoba uwalungele. Nami ngiwagejile amaphenathi futhi angikubalekeli ukuwashaya. Ngakho kufanele senze isiqiniseko sokuthi uyakuqonda lokho ukuze angesabi ukuthwala umthwalo njengoba ekwenzile lokho ngoLwesihlanu. Siyajabula ukuba nomdlali onomqondo injalo."
EZimnyama zizobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Kungenzeka lo umdlalo ufinyelele kumaphenathi uma ingekho egoba uphondo emuva kwesikhathi esengeziwe.
IPirates, evikela indebe, iyikhiphile iSundowns kwiMTN8 ngesizini edlule nakuba amaBrazilians ezenzela kuyona emidlalweni yeligi.
"Kuhlala kuyinto esiyibhekayo ukuthi siyakwazi ukubashaya. Siyazi ukuthi kwiligi asenzanga kahle uma sibhekene nabo emidlalweni yakamuva. Kodwa kukhona okuhle uma ubheka imidlalo. Ngakho siya kulo mdlalo sibheke lokho sazi futhi ukuthi siyakwazi ukubehlula. Okuhle ngalo mdlalo ukuthi owomkhumulajezi. Siyazi ukuthi udlalwa kanjani. Sizozama ngakho konke okusemandleni. Lona wumdlalo wethu wesithathu wamanqamu ilandelana. Ngakho kumele senze isiqiniseko sokuthi sisebenzisa leso sipiliyoni esisitholile kweyamanqamu emibili edlule," kusho uXoki.