UMDLALI weKaizer Chiefs osanda kubuyela esikimini, uSiyethemba Sithebe, ukholwa ukuthi basenalo ithuba lokuzibekisela indawo emqhudelwaneni weConfederation of African Football (Caf), ngakho yena nozakwabo bazibophezele ekwenzeni isiqiniseko sokuthi kuyenzeka lokhu ngokubuya namaphuzu emidlalweni ebasalele ngaphambi kokusonga isizini.
IChiefs izotholana phezulu neRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Iza kulo mdlalo nje, isazikhotha amanxeba kulandela ukushaywa yiChippa United ngo 2-0 kowokugcina ewudlalile weligi emasontweni amabili edlule. Lowo mdlalo ubulandela omunye elahle kuwona amaphuzu iguqiswa yiStellenbosch FC ngo 1-0.
Ukulahla amaphuzu ngale ndlela kweChiefs kuya ngokuya kuyinciphisela amathuba okuqeda ikwiTop 8 ekupheleni kwale sizini esisongwa. Ihlezi ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-30.
Ibanga neLamontville Golden Arrows esendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu alinganayo, bahlukaniswe amagoli.
“Sikhathazekile ngokulahla kwethu amaphuzu emidlalweni yethu yakamuva, ngoba uma ubheka sibe nawo amathuba amaningi okushaya amagoli sehluleka ukuwasebenzisa. Singabadlali sidinga ukubhukula, siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla kule midlalo esele,” kusho uSithebe kwi-website yeChiefs.
Uthe balindele inselelo enzima kwiRichards Bay abayodlala nayo kusasa, ngakho kuzodingeka bazinikele ngokuphelele ukuyehlula.
“Basendaweni esezansi kwi-log, balwela ukusuka kuyona. Ngakho kuzoba nzima ukubhekana nabo kodwa siyawadinga kakhulu amaphuzu ngakho sizolwela ukuthi sibanqobe.
Ngaphandle kokulwela ukugcina indawo yethu kwiTop 8, sifuna okungaphezulu kwalokho, ngoba sisafuna ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni weCaf ngesizini ezayo.”
Ukuqeda kwiTop 8 kuzofaka iChiefs kwiMTN8 yangesizini ezayo. Ukuze idlale kweyeCaf, idinga ukuqeda endaweni yesibili ukuzifaka kwiChampions League, indawo yesithathu ingayifaka kwiConfederation Cup.
Lo mdlali wasesiswini uyayiqonda inselelo ababhekene nayo njengabadlali baleli qembu laseNaturena yokujabulisa izinkumbi zabalandeli ezileseka kukuhle noma kukubi, kungakhathaleki ukuthi lidlalela ekhaya noma ekuhambeni.
“Ngemuva kwale midlalo yakamuva esiphoxile kuyona sihlulwa, kubalulekile kithina njengabadlali ukuthi abalandeli bethu sibanike okuzobajabulisa emidlalweni esele njengoba besalokhu beqhubeke njalo nokuseseka ngisho singawini kweminye imidlalo.”
Ngokwezibalo, Amakhosi asenalo ithuba lokuzibekisela indawo endaweni yesithathu kwi-log yePremiership eyithikithi lokuyodlala kwiConfederation Cup.
Nokho, lokho kuncike ekulahleni amaphuzu kwamaqembu angaphezulu kwayo, okubalwa iStellenbosch, Orlando Pirates, Sekhukhune United neSupersport United.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
NgeSonto - Ngo-3pm: Richards Bay v Kaizer Chiefs (King Zwelithini Stadium); Polokwane City v Cape Town City (Old Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: TS Galaxy v Stellenbosch (Mbombela Stadium).