UNOZINTI weBanyana Banyana, uKaylin Swart, ukholwa wukuthi iyothi iqambe iphela ikhempu yokuzivivinyela iFifa Women’s World Cup yena nozakwabo bazobe sebemi ngomumo ukuyoyibamba ishisa kule ndumezulu yebhola lomhlaba ezobanjelwa e-Australia naseNew Zealand.
IBanyana izomela iNingizimu kwiFifa Women’s World Cup ezobanjelwa e-Australia naseNew Zealand, kusukela ngoJulayi 20 kuya ku-Agasti 20.
Njengamanje abadlali abangu-36 beBanyana basekhempini eqale ngoMsombuluko eGoli, nezosongwa ngoJulayi 3, nokuyilapho leli qembu elizobe selihlungwe laba ngabadlali abangu-23, liyobe selifulathela elakuleli ukubhekisa amabombo eNew Zealand.
Liyobe selizwana amandla neCosta Rica ngoJulayi 15 kowokugcina wobungani ngaphambi kokuqala kweWomen’s World Cup.
“Amalungiselelo ethu asahamba kahle, bonke abadlali bazimisele futhi basebenza ngokuzikhandla, nengikholwa wukuthi iyothi iqambe iphela ikhempu siyobe sesimi ngomumo ukuyoqhudelana namanye amaqembu kwiWorld Cup.
Njengoba singakamenyezelwa isikwati sokugcina okuyisona esizohamba siye kwiWorld Cup, lukhona lona uvalo kubadlali, kodwa siyaqhubeka nokuziqeqesha ngokuzimisela ukuthatha amehlo ethimba labaqeqeshi,” kusho uSwart.
IBanyana ekwiGroup B yeFifa Women’s World Cup, lapho iqhathwe khona neSweden, i-Argentina ne-Italy, izovula neSweden ngoJulayi 23.
“Sikwi-Group enzima, siyazi futhi ukuthi iSweden iyiqembu elidlala kahle, kanjalo futhi ne-Argentina ne-Italy. Ngakho-ke silindele imidlalo enzima kula maqembu esizobhekana nawo, kodwa nathi esizimisele ngokuthi simelane nawo, sikhiphe amangwevu ethu lapho sesibhekene nawo.”
USwart ovimbela i-JVW FC, ubanga ijezi likanozinti no-Andile “Sticks” Dlamini weMamelodi Sundowns Ladies, uRegirl Ngobeni we-UWC, uKebotseng Moletsane weRoyal AM no-Asa Rabalao wamaTuks.
“Kunzima njengamanje njengoba sobahlanu silwela ukuba phakathi konozinti abathathu abazoqokwa esikwatini sokugcina esizoya kwiWorld Cup,” kusho uSwart.