UMSHAYISIBHAKELA waseMpangeni, uTholumusa 'Mfundisi' Ngema nesikhulu seBoxing South Africa, uMandla Ntlanganiso
Image: Isithombe:FACEBOOK
UHLOSE ukubuyisa isithunzi sebhande laKwaZulu-Natal uphromotha wesibhakela, uSandile Vilakazi, oqoke ukuthi libangwe abashayisibhakela abangomakadebona.
UVilakazi ongumphathi weSiyathaba Boxing Promotions, uhlele izimpi ezizoba ngoFebhuwari 28, e-APN Portuguese Hall, eThekwini. Impi yosuku izoba ngeyebhande leKZN Featherweight phakathi kukaTholumusa "Mfundisi" Ngema (6-3-3) waseMpangeni noSithembiso Maduna (13-6-0) waseMnambithi.
Bobabili laba bashayisibhakela sebebuya ezimpini zamabhande aseMzansi nawaphesheya kwezilwandle lapho bexhimfane khona nezimbangi ezaziwayo kwezamankomane. Ngaphezu kwalokho, akhona amabhande asebeke bawawina okubalwa kuwona awesifundazwe.
Okufanayo ngalaba bashayisibhakela ukuthi babobili babhekane nembangi eyodwa, uKhanyisani Mbokazi waseMandeni, ezimpini zabo zakamuva. UMaduna ukhale ngaphansi kuMbokazi ngo-Okthoba nyakenye, Eshowe. UNgema wagcina ukungena eringini ngoMashi 2024 ekhala ngaphansi kuMbokazi eMtshezi.
UVilakazi uthe uqoke ukuqhatha uMaduna noNgema ngoba efuna ukubuyisa izimpi ezidonsa abantu esibhakeleni saseKZN.
"Ngifuna ukukhombisa ukuthi ibhade laseKZN linaso isithunzi, yingakho ngiqhatha abashayisibhakela abanesipiliyoni. Kufanele kucace ukuthi ibhande lesifundazwe akuyona into enikwa abashayisibhakela abasezingeni eliphansi. Lisenaso isithunzi. Ngifuna ukubuyisa loya mbango wokufuna ukukhipha inkunzi kubashayisibhakela basesifundazweni. Yikho ngikhethe abashayisibhakela asebeqinile," kusho uVilakazi.
Ngaphandle kwempi kaMaduna noNgema, kukhona enye ebhekwe ngabaningi ezoba phakathi kukamakadebona, uPrince Dlomo (17-15-1) waseMgungundlovu owayengumpetha we-SA Junior Welterweight noPhumelele Ngcobo (4-0-0) wasePinetown, osekuyikluma kwezamankomane.
UDlomo waphatha ibhande laseMzansi phakathi kuka-2021 no-2023, walivikela amahlandla ambalwa kubashayisibhakela abahlonishwayo okubalwa kubona uXolani Mcotheli wase-East London. Walephucwa nguNtethelelo Nkosi waseMtubatuba, emqingqa ngo-2023.
"Ngifuna ukumhlola uPhumelele ukuthi usekuliphi izinga ngesibhakela. Le mpi izokwenza ngikubone lokho ngoba uzolwa nebhokisa ebelingumpetha waseMzansi futhi elalivikela ibhande kaningi. Akusizi ukuhlala nebhokisa, ulokhu ulivikela ngokulinika izimpi ezilula. Akulisizi lokho. Sibheke ukuthi uPhumele asiphase lesi sivivinyo," kusho uVilakazi.
Related Topics: