IKHOMBISE izimpawu zovalo inkulumo kaHugo Broos ngamathuba eBafana Bafana ku-Group A weNdebe yoMhlaba kulandela ukuqhathwa e-USA ngeledlule
Image: SIGCINIWE
IQEMBU lesizwe lesine ku-Group A weNdebe yoMhlaba elizocaca ngonyaka ozayo lenza kuxege amadolo kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ongafihli ukuthi amehlo akhe athe njo ekuqedeni endaweni yesithathu ngoba okungaphezulu kwalokho kuzoba lukhuni satshe ukukuthola.
IBafana eyaba ngompetha base-Afrika ngo-1996, ikleliswe ku-Group A nosokhaya iMexico, South Korea. Izwe lesine lizophuma phakathi kweDenmark, North Macedonia, Czech Republic neRepublic of Ireland abazodlala imidlalo yokuhlunga ngoMashi.
Okuqaphelekile wukuthi uBroos ubukeke ethukile ngokuthi iqembu lakhe lizovula umqhudelwano ngesikhathi ekhuluma nethimba leSouth African Football Association (Safa) kulandela ukuqhathwa ngoLwesihlanu.
IBafana izobhekana neMexico ngoJuni 11 e-Estadio Azteca, eMexico City, okuyimpinda yomdlalo wokuvula kwiNdebe yoMhlaba yango-2010 eNingizimu Afrika osekuwumlando ukuthi waphela zibambene ngo 1-1 e-FNB Stadium, eNasrec.
Kusukela iNingizimu Afrika yagqashula emaketangweni obandlululo, iBafana isidlale kathathu kwiNdebe yoMhlaba kodwa ayikaze idlulele esigabeni somkhumulajezi.
UBroos waseBelgium uzobe eqala ukuqeqesha kwiNdebe yoMhlaba kodwa eminyakeni engu-40 eyedlule wayeseqenjini lezwe lakhe emdlalweni wokuvula umqhudelwano wango-1986 owawusenkundleni okuzodlalela kuyona iBafana.
“Kuningi okunzima ngeqoqo esifakwe kulona njengokudlala umdlalo wokuqala womqhudelwano ekubeni kusalenga indaba yokuthi kuzoba yilona liphi izwe lase-Europe elizoba ngelesine kuleli qoqo,” kusho uBroos kwiSafa.
“Ubunzima obuhamba nokubhekana nezwe elisingethe buyaziwa kodwa kuba sengathi buphindwe kaningi uma kuwumdlalo wokuvula umqhudelwano obese kuneminyaka ulindiwe. Eminyakeni engu-40 edlule ngangisesimweni esifanayo, sathelwa ngehlazo.
“Angifuni ukuzikhohlisa kakhulu ngendawo yokuqala kumbe eyesibili ngoba kula mazwe amane kuzovele kube yiDenmark. Uma sineMexico neDenmark eqoqweni elilodwa kuyofanele sikhohlwe ngokuqeda phezulu.
“Kuhle ngoba kubekwe umthetho wokuthi kwabazoqeda endaweni yesithathu, kuzokhethwa abayisishiyagalombili abenze kahle kumaqoqo abazodlulela phambili okuyilapho inhlanhla yethu engase ivele khona. Empeleni kuzosisiza ukusheshe sikwamukele ukuthi sibheke ukuqeda endaweni yesithathu kuleli qoqo."