Ezemidlalo Ibhola

UBroos ujabule wabuya nganeno ngeBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, okubhekwe lukhulu kuyena neqembu lakhe kwi-Afcon eseMorocco, ngenyanga ezayo

Image: BACKPAGEPIX

UKUNGAFAKWA kukaMasindi Nemtajela noKeletso Makgalwa emdlalweni wobungani onqotshwe yiBafana Bafana ngo 3-1 kwiZambia ngempelasonto edlule, akusho ukuthi umqeqeshi, uHugo Broos, usewuvalile umnyango ngabadlali ahamba nabo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala eMorocco. ngenyanga ezayo.

UNemtajela we-Orlando Pirates noMakgalwa weSekhukhune United yibona bobabili abadlali abebeqala ukubizwa nguBroos esikwatini sakamuva seBafana okuzitolike ngokuthi uzobazwisa umdlalo kwazise lo mqeqeshi waseBelgium wayekushilo ukuthi ufuna ukubabonela eduze.

Sekungumlando ukuthi laba badlali akabanikanga ithuba koweZambia onqontshwe yiBafana ngamagoli ka-Oswin Appollis, Mohau Nkota noSiphephelo Sithole ngoMgqibelo, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

Bekuwumdlalo wokugcina weBafana ngaphambi kokubhekisa amabombo eMorocco, lapho iyozama khona ukwenza kangcono kwi-Afcon elale kuyona isithathu ngesikhathi ibanjelwe e-Ivory Coast eminyakeni emibili edlule.

“Uhlelo bekuwukuthi uma livela ithuba bazofakwa kodwa-ke kasizange sidlale ngale ndlela ebengifisa ngayo yize umphumela ukhomba okunye,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba ngesikhathi ebuzwa ngoNemtajela noMakgalwa.

“IZambia isinike ubunzima obuningi sagcina sesishintsha izinhlelo zethu, ikakhulukazi ngezinguquko esizenze ngesikhathi esisodwa sibuya ekhefini.

“Besihlele ukubasebenzisa kodwa ukungangeni kwabo enkundleni akusho lutho ngoba lokhu ebengifuna ukukubona kubona bese ngikubonile njengoba besinabo isonto lonke ejimini."

Yize inkulumo kaBroos ithembisa kodwa ngeke kwethuse ukusala kwabo ngaphandle kwazise bebevele besondezwe ngoba kukhona abadlali ababuya ekulimaleni okubalwa kubona uRelebohile Mofokeng wePirates.

IBafana isiyoze ibonakale emidlalweni yamaqoqo kwi-Afcon lapho iboshelwe khona neZimbabwe, Egypt ne-Angola.

UBroos uzwakalise ukungenami ngokugcwele yize liphephile irekhodi lokungehlulwa ayethe ufuna ukuya nalo kwi-Afcon.

“Kuningi okuhle engikubonile emdlalweni kodwa kasizange sivuthe ngale ndlela ebengilindele ngayo kwazise bekuwumdlalo wokugcina ngaphambi kwe-Afcon.

“Akusekho okunye ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi siwulungele umqhudelwano bese sikhulekela ukuthi kungabibikho abalimalayo kule midlalo esele ngaphambi kwawo,” kusho uBroos.