Ezemidlalo Ibhola

IPirates ingase ibhincisele nxanye iDowns kwiligi

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGU-OSWIN Appollis noTshepang Moremi abangabanye babadlali abavuthayo kwi-Orlando Pirates kulezi zinsuku

Image: BACKPAGEPIX

KUMASIZINI acela kwayishumi adlule esigabeni esikhulu seBetway Premiership, i-Orlando Pirates kayikaze izithole isethubeni elihle lokugudluza iMamelodi Sundowns ekukhonyeni kwiligi njengakule sizini ka-2025/2026.

Kumasizini ayisishiyagalombili adlule iPirates namanye amaqembu alesi sigaba abebuka iSundowns isidla iphindelela kulandelana isicoco seligi.

Nakuba bekuyiPirates ekhombisa izimpawu 'zokugoloza' kodwa ukuzidlela amahlanga kweSundowns kufakazelwa wukuthi leli qembu laseChloorkop liqede isizini edlule liphambili ngamaphuzu angu-20 kwiPirates elale isibili.

Akuzibeki nokho ukuthi iSundowns ikhombisa izimpawu zokuba buthaka kule sizini osekudale nokuthi umqeqeshi wayo, uMiguel Cardoso, abe nyamanambana kwabanye abalandeli.

Nakuba iSundowns iqhwakele ngamaphuzu angu-25 kodwa iPirates esendaweni yesibili ngawu-22, isele ngemidlalo emibili yeligi okuzitolika ngokuthi ukuqhuzuka okuncane kweDowns kungayigudluza eqhulwini.

Womabili la maqembu asenqobe imidlalo yeligi eyisikhombisa kodwa iSundowns isaguqe kanye uma iqhathaniswa nePirates esishaywe kabili. 

Okubukeka kukhubaza iSundowns wukudlala ngokulingana esikwenze kwaze kwaba amahlandla amane kule sizini uma iqhathaniswa nePirates esabuye nephuzu kanye. 

Ngaphandle kokusala ngemidlalo kwePirates, ukukhishwa kwiChampions League kufanele ikusebenzise njengesikhuthazi ukuze iwine iligi, okuyisipho esingathoba izinhliziyo zabalandeli.

 Nakuba kusenenhlansi yethemba lokuthi isengabuyela kulo mqhudelwano uma igcina ivunwe yisinqumo seCaf kodwa uma kungenzeki, lesi sibhobo iPirates kufanele isisebenzise njengesikhuthazi.

Ekuqaleni kwesizini bekunemvunge ngomqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou, emuva kokushaywa kwakhe imidlalo emibili yeligi kodwa ukuwina i-MTN8 kumfake ezinhliziyweni zabalandeli.

Lo mqeqeshi waseMorocco ufike kwiPirates ezovala isikhala sesithandwa, uJose Riveiro, ngakho-ke usayibambe kahle njengoba esephinde wayifaka kowamanqamu weCarling Knockout.

Ukuze u-Ouaddou angene agxile ezinhliziyweni zabazifela ngeBucs kuyomsiza ukudla isicoco seligi eyasigcina eminyakeni engu-13 eyedlule.

 

Imidlalo yeBetway Premiership yangempelasonto ezayo

Novemba 22 : AmaZulu v Siwelele FC (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm), Marumo Gallants v Sekhukhune United (Dr Molemela Stadium, 6pm),  Orbit College FC v Stellenbosch FC (Olympia Park, 8.15pm).

Novemba 23 : TS Galaxy v Lamontville Golden Arrows (Mbombela Stadium, 3.30pm), Richards Bay v Durban City (Richards Bay Stadium, 6pm)