NGABAGADLI beBafana Bafana, oLyle Foster no-Iqraam Rayners, beshiyelana inkundla
Image: BACKPAGEPIX
AKUKHO lukhuni ukuqaphela ukuthi uHugo Broos, usesithathile isinqumo ngesikwati seBafana Bafana azoya ngayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa futhi akuzibeki ukuthi kasikavalwa isikhala somgadli ozohola iqembu ngenyanga ezayo eMorocco.
Kwi-Afcon edlule eyayise-Ivory Coast, iBafana yagcina ilale isithathu okwabuyisa isithunzi sayo ebholeni lase-Afrika kodwa nakhona kwakubonakala ukuthi inkinga yamagoli kayikaxazululwa.
Kulowo mqhudelwano, iBafana yayihambe no-Evidence Makgopa noPercy Tau njengabagadli kwazise uLyle Foster wahoxa ngenxa yezinkinga zangaphandle kwenkundla.
Nakulokhu uMakgopa ubukeka esezinhlelweni zikaBroos benoFoster yize lisekhona ithuba ku-Iqraam Rayners ukuthi azifake esikwatini se-Afcon nakweseNdebe yoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eMexico, Canada nase-United States of America (USA).
UMakgopa noFoster bakhona esikwatini sikaBroos azongcwekisana ngaso neZambia namuhla ngo-3 ntambama, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Kuliqiniso ukuthi iBafana kaBroos iwabheke kubona bonke abadlali amagoli kodwa amathuba okukhonya umqhudelwano ayohlale ephansi uma iqembu lingenaye umgadli owaqhululayo.
Kuwumkhuba lokhu kwiBafana kwi-Afcon okufakazelwa wukuthi kusenguBenni McCarthy kuphela (ngo-1998) umgadli waseNingizimu Afrika oseke wagoduka nesicathulo segolide kulo mqhudelwano.
Kule midlalo yeBetway Premiership esalele i-Orlando Pirates ngaphambi kwekhefu le-Afcon, uMakgopa onamagoli amabili kuyona yonke imiqhudelwano, unenselelo yokukhumbuza uBroos ukuthi angathembela kuyena kwazise ubemshiye ngaphandle kodwa wambuyisa ngenxa yokulimala kukaRayners.
Yisimo esifanayo kuFoster okungafanele akhululeke kakhulu kwazise usayibhakuzise amahlandla amabili kuphela inethi kwiBurnley FC yase-England. URayners uyena onezinombolo ezingcono kwazise useshaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-13 kuyona yonke imiqhudelwano kule sizini.
Uma elulama ngesikhathi aphinde abuyise ngokushesha ifomu yakhe kwiMamelodi Sundowns, unethuba elikhulu lokuthatha indawo yomgadli ozohola iBafana kwi-Afcon.
Umdlalo weBafana neZambia kuzoba ngowokugcina ngaphambi kokuqala ikhempu ye-Afcon, uBroos athe ukhulekela ukuthi iqale ngoDisemba 8.