UKUSHESHA kokwenzeka kwezinto zomdlali weBafana Bafana obegijima ebhuqwini eminyakeni emithathu edlule, uMasindi Nemtajela, kumqinisa idolo ngamathuba akhe okuba yingxenye yaleli qembu lesizwe elizoya kwiNdebe yoMhlaba ezokuba seMexico, Canada nase-United States of America (USA), ngonyaka ozayo.
Ngo-2022, uNemtajela (24) ubelihlikihla emidlalweni yama-amesha engaconsi phansi kubalandeli bemiqhudelwano yaselokishini eyaziwa ngeKwaMahlobo Festive Games edlalwa eZone 10, eMeadowlands, eSoweto, nakumaPhillys Games adlalelwa eTembisa.
Lo mdlali okhulele eChiawelo, eSoweto, usuke ebhuqwini eminyakeni emitathu edlule wajoyina iSenaoane Gunners edlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng.
UNemtajela udlale isizini eyodwa kwi-ABC, wasayiniswa yiMarumo Gallants eyamnika inkontileka yokuqala ebholeni elikhokhelayo ngesikhathi isagijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngesikhathi iMarumo ithenga iMoroka Swallows, uNemtajela wayeyingxenye yayo nokwaba yindlela yakhe yokufika esigabeni esikhulu.
Akuzange kumthathe isikhathi esingakanani efikile kwiBetway Premiership, wathatha iso le-Orlando Pirates osekungumlando ukuthi usevele udle nayo isicoco se-MTN8 njengoba ephinde waba nesandla ekungeneni kwayo kowamanqamu weCarling Knockout.
Indlela okuchwaza ngayo i-Orlando Stadium uma libanjwa nguNemtajela ungaphika ukuthi akakaqedi ngisho uhhafu wesizini ekwiPirates njengoba esebizelwe kwiBafana ezozwana amandla neZambia ngoMgqibelo, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
"Ngiswele amazwi okubonga kumqeqeshi (uHugo Broos) ngokungiqoka ngoba eminyakeni emithathu edlule kade ngigijima ebhuqwini emidlalweni yeziteki elokishini," kusho uNemtajela.
"Ukusuka kwami ebhuqwini ngihlale kwiPirates uma ukuqondanisa nokuthi sengibizelwe nakwiBafana ngisadlale embalwa eqenjni lami elisha, kungiqinisa idolo ngokuthi isifiso sami singaphumelela.
"Okusobala ngokushesha kwezinto zami wukuthi konke engikufisayo kuzophumelela yinqobo uma ngingakhathali ukusebenza ngokuzikhandla.
"Isifiso sami esikhulu wukumela izwe lami emqhudelwaneni omkhulu njengeNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo," kusho uMasindi.
Imenenja kaNemtajela okuyiyona eyamvumbulula edlala obhuqwini, uNimrod Mbhalati, itshele Isolezwe izolo, ukuthi abantu abalinde okungenani kuphele isizini ukuze bezomazi kahle uNemtajela.
"Ngimjabulele ngokwenzeka kuyena kepha akungethusi ngoba bengikulindele. Abantu baseMzansi abakaboni lutho kuNemtajela. Unesiphiwo sokudlala izindawo okungenani ezinhlanu enkundleni okumenza ngimbale nabadlali abakhethekile," uMbhalati