ABADLALI beKaizer Chiefs okulindeleke ukuba bayisize ihambe ibanga elide kwiCaf Confederation Cup
Image: KC/FACEBOOK
NAKUBA kuyiZamalek SC yase-Egypt enomlando omude ebholeni lase-Afrika kodwa iKaizer Chiefs ibukeka ingase ithwale kanzima kwi-Al Masry yakuleliya lizwe emidlalweni ka-Group D weCaf Confederation Cup eqala ekupheleni kwenyanga.
AMakhosi agcina ukuba semidlalweni yamaqoqo emiqhudelwaneni yeCaf ngo-2021, aqhathwe kuleli qoqo namaqembu amabili ase-Egypt neZESCO United yaseZambia.
Ngonyaka okwagcina ngawo iChiefs ukudlala e-Afrika, yaguqa emdlalweni wamanqamu weChampions League ngo 3-0 ishaywa yi-Al Ahly yase-Egypt, eyayiholwa ngumqeqeshi waseNingizimu Afrika, uPitso “Jingles” Mosimane.
Kunomuzwa wethemba kwiChiefs kusukela iqembu liwele ezandleni zamabamba abaqeqeshi okunguCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.
Laba banikwe umsebenzi wokushayela umkhumbi weChiefs kuze kuphele isizini kulandela ukuhlukanisa isigubhukane kukaNasredine Nabi waseTunisia, naleli qembu laseNaturena.
Ngaphandle kokufaka iChiefs kweyamaqoqo kwiCaf, laba baqeqeshi bakhombisa izimpawu zokuwubamba kahle umsebenzi nakwiBetway Premiership lapho leli qembu lihleli khona endaweni yesithathu kwi-log.
Umdlalo wokuqala ka-Group D weChiefs usekuhambeni ne-Al Masry ngoNovemba 23, ngaphambi kokwamukela iZamalek ngoNovemba 30.
IChiefs iyobe isilandelisa ngokuvakashela i-ZESCO ngasekuqaleni konyaka ozayo (25 Januwari 2026) ngaphambi kokuyamukela ekhaya ngoFebhuwari 1, wonyaka ozayo.
Ngesikhathi kuqhathwa amaqoqo eConfed Cup, bekuseqhulwini ukuthi iChiefs izothwala kanzima kwiZamalek kwazise iyona enegama elinesisindo ebholeni lase-Afrika.
Ezivela e-Egypt zikhomba ukuthi i-Al Masry iyona okufanele izikhathaze ngayo kakhulu iChiefs kwazise iZamalek kayiyona le eyakumasizini adlule kwazise ihaqwe yizinkinga zangaphandle kwenkundla ezithinta ngqo ezezimali.
Ngeledlule, iZamalek ihlawuliswe yiFifa okuyisimo esiyivimbela ukuthi isayinise abadlali. Nakuba iFifa ingazange iphumele obala ngalesi sigwebo kodwa kuvela ukuthi indaba ithinta ukungakhokhelwa izimfanelo kwabadlali asebalishiya leli qembu elishaywe yi-Al Ahly ngo 2-0 emdlalweni weligi ngeSonto, eCairo.
IChiefs idinga ukuqeda endaweni yokuqala noma eyesibili eqoqweni ukuze izodlulela kuma-quarterfinal eConfederation Cup.