Ezemidlalo Ibhola

OwaMajimbos uzishaya isifuba ngomlando kwiNdebe yoMhlaba

Mthokozisi Mncuseni|Updated

UVela UMQEQESHI waMajimbos, uVela Khumalo, ozishaya isifuba ngokudlulela kweqembu lakhe esigabeni esilandelayo kwiNdebe yoMhlaba

Image: SAFA/FACEBOOK

IQEMBU lesizwe laseNingizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kwengu-17 selikwenzile ebelikuyele kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo eQatar.

Lokhu kushiwo ngumqeqeshi walo, uVela Khumalo, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kokukhala ngaphansi kwi-Italy ngo 3-1 ngeSonto, eDoha. Iqembu lakuleli lidlulele kwi-Last 32 kulandela ukuqeda endaweni yesibili kuGroup A.

Amajimbos abhekane nezingqinamba eziningi ngaphambi kokubhekisa amabombo eQatar. Phakathi kwezinkinga ebezibhekene noKhumalo wukugqoza kwemidlalo yokuzicija nezinkinga ngamaphepha abanye abadlali abamqoka.

Iqiniso elimsukwa wukuthi leli qembu lesizwe liye kwiNdebe yoMhlaba eQatar, ngaphandle kokuzilungiselela okufanele.

“Obekuseqhulwini kithina wukudlula eqoqweni okuyinto esesiyenzile ngakho-ke ngineme, abadlali bajabule kanti naseNingizimu Afrika ngicabanga ukuthi kujatshulwe,” kusho uKhumalo.

“Besinezinkinga eziningi ngaphambi komqhudelwano kodwa asikaze sigudluke ekutheni sifisa okungenani ukudlulela emidlalweni yomkhumulajezi.

“Kumanje kasinabo abadlali basemuva ngenxa yokulinyalelwa kodwa kawukho uphawini wokucasha ngalokho. Indaba yezitobha ingenye yezinkinga esifike nazo eQatar, ngakho-ke kumqoka ukuqaphela ukuthi kukhulu kangakanani esikwenzile njengoba sizifake emzuliswaneni olandelayo."

Abafana bakaKhumalo balale isibili kuGroup A onqotshwe yi-Italy, kwathi osokhaya, iQatar neBolivia baqeda endaweni yesithathu neyesine ngokwahlukana.

Okusize Amajimbos wukuthi aqede imidlalo yamaqoqo inamaphuzu amane ewathole ngokunqoba kwiBolivia kowokuvula iqoqo eDoha, ngeledlule nokubambana neQatar.

Njengoba sezingena kuvuthondaba kulo mqhudelwano, kusemqoka ukuthi uKhumalo ayilungise ngokushesha indaba yokungenelwa amagoli ngemizuzu yokuqala kulo mqhudelwano.

Nakwi-Italy kube okufanayo okwenze kwaba wumqansa ukubuya kuleli qembu elingelinye lathishwe ukuba ahambe ibanga elide kulo mqhudelwano.

Kuzocaca maduze ukuthi Amajimbos aqhathwe naliphi izwe kwi-last 32.