Ezemidlalo Ibhola

UKolisi utuse AmaBhokobhoko ngokuhlobisa umdlalo womlando

Mthokozisi Mncuseni|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi obedlala umdlalo ka-100 kuleli qembu ngoMgqibelo eParis, eFrance

Image: AFP

OMUNYE wabadlali bombhoxo abaphambili eNingizimu Afrika kodwa ogqame ngokuba wukaputeni obuyisa ithemba, uSiyamthanda Kolisi, ufisa kusetshenziswe yena njengesibonelo sokuthi nalaba ababukeka sengathi kabalutho banawo amava okuphenduka isibusiso kulaba ababazungezile.

Esikhundleni zokubhiyozela ukuba ngumdlali wesishiyagalolunye emlandweni wombhoxo waseNingizimu Afrika ukudlalela AmaBhokobhoko amahlandla angu-100, uKolisi utuse ozakwabo wabonga nakubona bonke ababe nesandla ekukhuleni kwakhe.

AmaBhokobhoko akhumbuze umhlaba ukuthi kungani engompetha ngokunqoba kwiFrance ngo 32-17 emdlalweni wesibili weyokuvala unyaka ngoMgqibelo ebusuku, eParis.

Iqembu likaKolisi lidlale isiwombe sesibili sonke lingasaphelele kulandela ikhadi elibomvu elitholwe nguLood de Jager sekusele amanenjana kusongwe esokuqala.

AmaBhokobhoko abuye esethelwe ngezibonkolo esiwombeni sesibili okuholele okuhlobisekeni komdlalo kaKolisi ka-100 ngewini obekungeyesishiyagalolunye emidlalweni engu-10.

“Okwenza ngiziwe ngikhethekile ngokuba yingxenye yaleli qembu wukuthi besikuhlelele ukudlala singasaphelele,” kusho uKolisi.

“Ngizishaya isifuba ngabadlali abaseqenjini ngoba ngaphandle kwabo ubuzoba muncu umdlalo wami ka-100. Le wini kayisho lutho ngami kepha ikhumbuza umhlaba ukuthi ngobani AmaBhokobhoko,” kusho uKolisi esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.

UKolisi uyisibonelo sokusebenza ngokuzikhandla esimweni esingakuvumi kodwa kugcine kube uwena ophumelelayo.

“Ngifisa ukuthi konke okwenzeke empilweni yami kukhumbuze wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi akusho lutho ukuthi usukaphi kepha okumqoka wukuthi uzophelelaphi.

“Ngiyilokhu engiyikho ngenxa yabantu ngakho-ke ngiyabonga kuwona wonke (umuntu) obe nesandla ekutheni ngize ngifike la ngikhona."

Akukhona ukuthi uKolisi ubuyisa ithemba ngaphandle kwenkundla kuphela kepha okumenza abe yingxenye yaleli qembu wukuthi ungomunye wabadlali balo abangcono kule ndawo ayidlalayo.

Ama-try eNingizimu Afrika inqoba kompetha beSix Nations ashaywe nguCobus Reinach, Andre Esterhuizen, Grant Williams noSacha Feinberg-Mngomezulu.