Ezemidlalo Ibhola

UBroos usikaza ukushiya uMofokeng kwese-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGURELEBOHILE Mofokeng osalelwe yimidlalo emithathu ukuthi akhumbuze umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukuthi uphetheni

Image: BACKPAGEPIX

UKUBUYELA ngokugcwele enkundleni kwakamuva kukaRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates kungase kwandise amathuba alo mdlali okuba yingxenye yeBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqala eMorocco ngasekupheleni kwenyanga ezayo.

Lo mdlali oyisithandwa sabalandeli bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, akayiqalanga kahle isizini kulandela amahlebezi okuthi angase athole amadlelo aluhlaza nokulimala.

Ngesikhathi umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ekhuluma nabezindaba ngosuku anqamule ngalo isikwati esizobhekana neZambia emdlalweni wobungani uzwakale sengathi akakasithathi isinqumo ngamathuba kaMofokeng okuya kwi-Afcon.

“Sekusele kancane ukuthi sihlangane isikwati se-Afcon kodwa lesi sikhathi esisele sizonginika ithuba elikahle lokucabangisisa izinqumo zami,” kusho uBroos.

Ngenxa yokulimala, uMofokeng ongaconsi phansi kuBroos akekho kwiBafana ezodlala owokugcina ngaphambi kwe-Afcon neZambia ngoNovemba 15 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

“Ngizomemezela abadlali be-Afcon ngesonto lokuqala likaDisemba, ngakho-ke sincane isikhathi sokuthi bangihlabe umxhwele abadlali engingabajwayele nalabo ababuya ekulimaleni.

“Kwakulula ngesikhathi ngihlanganisa isikwati se-Afcon yase-Ivory Coast kodwa kulokhu kunzima. Kunezinqumo ezinzima okufanele ngizithathe emuva kokubukisisa imidlalo embalwa ezayo.

“Kukhona abadlali esingabajwayele abanikwe ithuba kanti kukhona abangekho njengoMofokeng (Relebohile) noSiyabonga (Ngezana) ngakho-ke ziningi izinqumo ezinzima esihlalelwe wukuzithatha,” kusho uBroos.

Kumthathe imizuzu emihlanu ebuye ekulimaleni uMofokeng ukuba akhele uYanela Mbuthuma igoli obekungelesithathu lePirates ngesikhathi ixebula iLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ngesonto eledlule.

Kowandulela owamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo, uqale ebhentshini. UMofokeng kumele ashaye into yamehlo koweChippa United (ekhaya, 25 Novemba), Durban City (ekuhambeni, 29 Novemba) nakoweRichards Bay (ekhaya, 2 Disemba) ukuze azibuyisele esikimini sikaBroos.

Le midlalo iyona esele ngaphambi kokuthi uBroos amemezele isikwati se-Afcon.

Yize kwaziwa ukuthi uBroos uyazifela ngoMofokeng kodwa futhi kuyaziwa ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium ngeke ananaze ukumshiya ngaphandle uma emenzela into angayiboni kule midlalo yePirates esele ngaphambi kokuqokwa kwesikwati ekuqaleni kwesizini.