Ezemidlalo Ibhola

UBroos akabafuni ababona iBafana njengeholidi

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos

Image: SIGCINIWE

ABADLALI beBafana Bafana bakhunjuzwe ngumqeqeshi, uHugo Broos, ukuthi akanandaba nokuthi umdlalo wabo neZambia ungowobungani kodwa ubheke iwini kubona ngoba akafuni ukufika kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) umsila uphakathi kwemilenze.

UBroos ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko eGoli lapho ecacise khona izizathu zakhe zokufuna ukuwina umdlalo weZambia ngoNovemba 15 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

“Ngibadonse ngendlebe abadlali ukuthi le khempu akulona iholidi kumbe indawo yokuzohoba kepha ngifuna iwini kwiZambia futhi nginezizathu zalokho,” kusho uBroos.

“Esokuqala wukuthi ngifuna ukufika kwi-Afcon ngihamba ngize ngiqholoshe okuyinto engingeke ngikwazi ukuyenza uma ngishaywe yiZambia.

“Okunye okwenza lo mdlalo ngifune ukuwunqoba noma yikanjani wukuthi kangifuni siphinde sehle ekuklelisweni yiFifa ngoba umdlalo weLesotho esaphucwa kuwona amaphuzu usihlehlisele nyova.

“Ngibatshele emehlweni abadlali bami ukuthi kangilindele ukuthi kubekhona abazitshela ukuthi leli yiholidi kwazise sesivele sizibekisele indawo kwi-Afcon.

“Ngifuna iwini hhayi okunye. Umdlali ocabanga ukuthi useholidini ngizombona ngombala futhi uyobe uziqhathe nami ngendlela engingakwazi ukuyichaza."