UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, ohlabeke umxhwele ngesikwati saleli qembu esiya kwiConfed Cup
Image: BACKPAGEPIX
ISITOBHA seKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, sinenkolelo yokuthi isikwati saleli qembu laseNaturena sithakwe ngobisi lwabadlali abazoba wusizo ekutheni lihambe ibanga elide kwiCaf Confederation Cup, Nedbank Cup, sishisise nombango wesisoco seBetway Premiership.
IChiefs neStellenbosch FC okuyizithunywa ezimbili zePremier Soccer League (PSL) kwiConfederation Cup, ziqhathiwe ngoMsombuluko, emidlalweni yamaqoqo emcimbini weCaf obuseRandburg, eGoli.
Amakhosi abuyela e-Afrika okokuqala kusukela ngo-2021, lapho ashaywa khona kowamanqamu weChampions League, afakwe ku-Group D obukeka unzima kwazise kukhona iZamalek ne-Al Masry okungamaqembu ase-Egypt neZESCO United yaseZambia.
Ukungena kweChiefs kweyamaqoqo kuzitolika ngokuthi sizokwanda isibalo semidlalo ezoyidlala kule sizini. Kwiligi iChiefs ibalwa namaqembu aqale kahle okufakazelwa yindawo ehloniphekile ehleli kuyona kwi-log ekubeni kusekhona iNedbank esamelwe wukuyivikela.
UMiguel obeyingxenye yomcimbi wokuqhathwa kwemidlalo yamaqoqo, utshele abezindaba ukuthi bayazi ukuthi ngeke kubelula kodwa ngokwakhe iChiefs isike kahle njengoba bekuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali ezinyangeni ezedlule.
“Ukuba yingxenye yalo mqhudelwano kusikhumbuza ngobukhulu beqembu e-Afrika, ngakho-ke kumele sizibambe ziqine kwazise wonke amaqembu azobhekana nathi azofuna ukwakha isithunzi ngathi,” kusho uMiguel.
“Siyiqembu elikhulu e-Afrika ngakho-ke nginenkolelo yokuthi konke okunzima esizobhekana nakho kule sizini sizokwazi ukumelana nakho okuhlanganisa iligi neNedbank okumele siyivikele.
“Kufanele bashayelwe ihlombe abaphathi beqembu ngokuqinisa isikwati ngabadlali abancane abeza nomfutho nangalaba abanesipiliyoni esizosidinga kwazise isizini iseyinde.
“Isikwati sethu sithakwe kahle okufakazelwa wukuthi sesiyakwazi ukwenza izingquko eziningi okuyinto ebesingenawo uphawini wokuyenza ngesizini edlule."
IChiefs izozibula iConfederation Cup ngomdlalo wasekuhambeni ne-Al Masry ngo-23 Novemba, e-Egypt.
IStellies kweyalo iqoqo iqhathwe neCR Belouizdad yase-Algeria, AS OTOHO yaseCongo-Brazzaville neSingida Black Stars yaseTanzania.
“Kulokhu siya emqhudelwaneni nolwazi olungcono nengikhulekela ukuthi lusibeke endaweni engcono kunalapho siphele khona ngesizini edlule,” kusho uSteve Barker oqeqesha iStellies ethimbeni laleli qembu laseKapa labezindaba.
IStellies izoqala lo mqhudelwano ngo-23 Novemba, ne-OTOHO ekhaya.