Ezemidlalo Ibhola

UBroos udalule isizathu sokushiya uLorch kwiBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

UTHEMBINKOSI Lorch weWydad AC obukeka engasenayo indawo kwiBafana Bafana uma eyiqiniso amazwi kaHugo Broos ongumqeqeshi waleli qembu lesizwe

Image: SIGCINIWE

OMUNYE wabadlali baseNingizimu Afrika abasemazweni abasefomini emangalisayo kusukela kuqale amaligi omhlaba, uThembinkosi “Nyoso” Lorch, uqheliswa yiminyaka yobudala (32) kwiBafana Bafana.

Lawa ngamazwi omqeqeshi weBafana, uHugo Broos, awatshele abezindaba esithangamini izolo, eSafa House, eNasrec, ememezela isikwati esizodlala umdlalo wobungani neZambia ngoNovemba 15, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

UBroos unqamule isikwati sakhe sabadlali abangu-43, sehlela kwabangu-23. Okususe ukukhuluma wukushiywa ngaphandle kwabadlali abasefomini emaqenjini abo okubalwa kubona uMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs noLorch olokhu ebatshazwe njalo kwiWydad AC yaseMorocco. UShabalala ubekhona esikwatini sabadlali abangu-43 kodwa uLorch sekunesikhathi ezitshwa.

UBroos utshele abezindaba ukuthi bekuwumbono wakhe ukuthi iBafana idlale owodwa wobungani ngoba uhlose ukuthi abadlali bakhe baphumule kangconywana.

Uthe abadlali abasale ngaphandle njengoShabalala akusho ukuthi usebalahlile kepha usebheka okokugcina laba angabazeli eduze.

“ULorch ungomunye wabadlali engaqala nabo futhi ngangineme ngakho konke ngaye kwaze kwaba uba nezinkinga kwiPirates (Orlando) lapho adlulela khona kwiMamelodi (Sundowns) ngoba efunwa nguRulani (Mokwena),” kusho uBroos.

ULorch (32) owayegqamile nakwiFifa Club World Cup, uyiqale kahle isizini kwiWydad okufakazelwa amagoli amane emidlalweni eyisishiyagalombili.

“Kwesinye isikhathi isinqumo kufanele sithathwe. Kunesikhathi eside esidlule kungaziwa lutho ngoLorch. Kuliqiniso ukuthi uyavutha eMorocco kulezi zinsuku kodwa ngeke kusajika ukuthi kasimboni njengekusasa leBafana.

“Isitha sakhe yiminyaka yakhe. Ngiyazi ukuthi phambilini kwake kwaba nesimo esifanayo ngoThemba (Zwane). Ngajika umqondo ngoZwane ngoba izizathu zaziphambi kwami.

“Ngiyaxolisa kulokhu ngoba kangicabangi ukuthi ngizowujika umqondo ngoLorch,” kusho uBroos.

Mayelana nokusala kwabanye uBroos, uthe leli yithuba lokugcina kulaba angabazi.

“Kunabadlali engibabizele ukuthi ikhono labo ngiyalibona emaqenjini abo njengoNemtajela (Masindi) kodwa sengifuna ukubabonela eduze ekhempini yeBafana.

“Nalaba okubukeka sengathi kabekho kulokhu akukhona ukuthi sengibalahlile kepha ngivula ithuba lokugcina ngaphambi kokuthatha isinqumo."

Sesisonke isikwati sikaBroos simi kanje:

Onozinti:

Ronwen Williams, Sipho Chaine noRicardo Goss.

Izitobha:

Mbekezeli Mbokazi, Khulumani Ndamane, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Samkelo Kabini, Thabiso Moloisane noThabang Matuludi.

Abasesiswini:

Masindi Nemtajela, Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha noSiphephelo Sithole.

Abaphambili:

Oswin Appollis, Evidence Makgopa, Tsepang Moremi, Lyle Foster, Mohau Nkota, Sipho Mbule noKeletso Makgalwa.