Ezemidlalo Ibhola

UShabalala nenselelo kuBroos ngesikwati se-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

ISILOMO somdlali weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, sijabulela elinye lamagoli esiwinise ngawo leli qembu laseNaturena

Image: BACKPAGEPIX

KUSELE kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukuthi uhamba naye kumbe uyamshiya uMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs uma esehlanganisa isikwati azoya ngaso kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco ngenyanga ezayo. 

Lawa ngamazwi ashiwo nguyena lo mdlali kulandela ubuqhawe abukhombise ngesikhathi eshaya amagoli amabili, akhela ozakwabo amanye amabili iChiefs inqoba ngo 4-1 kwi-Orbit College emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.

UShabalala obekwiBafana ngesikhathi izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ngenyanga edlule, nguyena yedwa futhi osemabhukwini eChiefs kwabasesikwatini esisazonqanyulwa esizobhekana neZambia kowobungani ngo-14 Novemba.

Namuhla uBroos uzomemezela isikwati sakhe esinqanyuliwe okuyisona azobhekana ngaso neZambia kowokucijela i-Afcon ozokuba senkundleni esazomenyezelwa yiSouth African Football Association (Safa).

Emuva kokucoboshisa i-Orbit, uShabalala utshelwe ukuthi bekukhona uBroos kulo mdlalo nephini lakhe uHalmen Mkhalele. Impendulo yakhe ikhombise ukuzethemba okudingekayo kumdlali.

“Okwami ukukhuluma ngokwenza enkundleni ngendlela engidlala ngayo ngakho-ke konke kulele ezandleni zomqeqeshi weBafana nephini lakhe ukuthi benzenjani ngalokho,” kusho uShabalala kwiSuperSport.

“Kubalulekile ukukuqhakambisa ukuthi noma ngabe yisiphi isinqumo esithathwa nguBroos ngami ngeBafana eya kwi-Afcon ngizosamukela. Engikwethembisayo wukuthi ngeke ngiyeke ukusebenza ngokuzikhandla ngisho ngabe ngiyaya noma kangiyi kwi-Afcon."

UShabalala ngomunye wabadlali abakhombisa ukukhula kwiChiefs okufakazelwa wukuthi useyishayele amagoli amathathu eligi kule sizini, wakha amanye amabili.

“Ifomu yami iyanganelisa kodwa ngiyazi ukuthi kukhona lapho ngisengalungisa khona. Okuhle ngefomu yami wukuthi iqondane nemiphumela emihle kwiChiefs.

“Siqale kahle kwaba sengathi siyaqhuzuka kodwa muva nje engikubona ebusweni bozakwethu kuyangikhuthaza.

“Siyaqonda ukuthi sesiside isikhathi iChiefs ingenzi kahle kodwa kulokhu kunomuzwa wokuthi sonke sizimisele ukwenza okukhulu kunalokhu ebesikwenza kumasizini adlule,” kusho uShabalala.