NGUSIPHO Mbule we-Orlando Pirates etayelela uSiyanda Ndlovu weLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, izolo ebusuku
Image: BACKPAGEPIX
Golden Arrows (0) 1
Orlando Pirates (1) 3
I-ORLANDO Pirates igudluze iKaizer Chiefs endaweni yesibili kwi-log yeBetway Premiership ngesikhathi inqoba iLamontville Golden Arrows izolo ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Le wini yePirates eyithole ngamagoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Ayanda Jiyane namabili kaYanela Mbuthuma, iyilinganise ngamaphuzu neChiefs kodwa yaligudluza leli qembu laseNaturena, endaweni yesibili kwi-log ngokwezibalo zamagoli. Elokubika le-Arrows lishaywe nguThokozani Khumalo.
Umdlalo uqale kuyiChiefs isemhlane weMamelodi Sundowns kwi-log, wasongwa sekuyiPirates yize bezisabambene ngamaphuzu angu-22 kodwa umehluko wukuthi iBucs inamagoli amaningi uma uyiqhathanisa naseshaywe Amakhosi kusukela kuqale isizini.
ISundowns ingena nje, iqhubekile nomgqigqo oyigcina esicongweni ngokunqoba ngo 1-0 kwi-TS Galaxy emdlalweni ogijinywe ngesikhathi esifanayo kodwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Nakuba irekhodi belikhomba ukuthi iPirates izoziphuzela isobho kwi-Arrows kodwa isiwombe sokuqala besihlabahlosile futhi kucaca ukuthi womabili amaqembu azele ukuzolwela amaphuzu.
Lo mdlalo uqale Abafana Bes’thende benewini eyodwa emidlalweni engu-16 abayidlale nePirates. Eyokugcina eyisithupha iPirates ibiyinqobe yonke.
Yize womabili la maqembu eqale kahle kodwa kusheshe kwaqapheleka ukuthi i-Arrows inamaphutha uma idlalela emuva kanti nonozinti obeyivimbele, uXolani Ngcobo, ubebuye aphume kakhulu emapalini.
Isiwombe sokuqala sisongwe ngokulimala kukaSihle Nduli noJunior Dion bobabili abangazange babuye kwesesibili.
Kube sengathi i-Arrows iyehlisa esiwombeni sesibili kodwa lokhu akuzange kuyinike iPirates amandla kuthola igoli lesibili.
Umdlalo uze wavuka sekwenziwe izinguquko nhlangothi zombili lavela kanjalo igoli lokulinganisa le-Arrows ngoKhumalo obenemizuzu embalwa esenkundleni.
Kudlule umzuzu kwenzeke lokho, noMbuthuma obesanda kungena wabuyisela iPirates ebuhleni. Seziyela ngasemaphethelweni, ushayele isipikili sokugcina ephakelwa nguRelebohile Mofokeng obuye ekulimaleni.