Ezemidlalo Ibhola

ICaf ibuyise ithemba kwiPirates ngopotsho weChampions League

Mthokozisi Mncuseni|Published

KUNGASE kuvuleke uphawini obuyisela i-Orlando Pirates emidlalweni yamaqoqo yeCaf Champions League

Image: BACKPAGEPIX

ISIKHULU sezokuxhumana kwiConfederatuon of African Football (Caf) , uLuxolo September, sikuqinisekisile ukuthi sisezithebeni zekomiti eliqondisa ubugwegwe isimangalo esifakwe yi-Orlando Pirates esithinta umdlalo wayo wokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Champions League neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).

Lezi zindaba okufanele ukuba zizokwehla kahle kwabaxhumene nePirates, zivele emcimbini weCaf obuseRandburg, eGoli, ngoMsombuluko, lapho bekuqhathwa khona imidlalo yamaqoqo yeChampions League neCaf Confederation Cup.

Bekuvele kunezinkulumo zokuthi iPirates iwashiswe ijezi kwiChampions League yiLupopo, yafaka isimangalo esimayelana nomqeqeshi uGuy Bukasa okuvela ukuthi wamiswa yiCaf eqeqesha iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-20 laseDRC. IPirates ikhala ngokuthi bekungafanele ahlale ebhentshini kulo mdlalo. 

Bekuvele nokuthi kukhalwa ngomdlali owaziwa ngelikaHenoc Molia okuthiwa wabhaliswa selivaliwe iwindi leCaf lokuhwebelana ngabadlali .

Omunye umdlali obelilokhu livele njalo igama lakhe nguWanet Kashala osolwa ngokuba nomazisi amabili abakhomba iminyaka eyahlukeme.

“Okokuqala nokusemqoka wukuqinisekisa ukuthi zikhona izimangalo kumbe amacala acutshungulwa ngesinono ezithebeni zezinhlaka ezahlukene nezifanele zenhlangano zokuqondisa ubugwegwe,” kusho uSeptember.

“Kuzolandelwa imigudu efanele kuzona zonke lezi zimangalo ngoba zithinta amaqembu ahlukene kodwa engingeke ngikuqinisekise wukuthi kuzokwenzekani nokuthi lokho kuzokwenzeka nini.

“Okusemqoka kithina wukulinda okuzoshiwo yilezi zinhlaka eziphenya izinsolo. Okwamanje izinto zimi ngale ndlela ezimi ngayo kweyamaqoqo kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke zisashintsha ngoba kasizazi izinqumo ezizothathwa.

“Ukuthi konke lokhu kuzokwenzeka nini kumbe kuzothathwa ziphi izinqumo kangazi ngoba lezi zinhlaka zizimele. ICaf kayinazwi kwezithinta ukuphulwa komthetho wayo.

Uma iPirates inunwa yiCaf kungenzeka ibuyiselwe kwiChampions League, kukhishwe iLupopo esiqhathiwe esigabeni samaqoqo.

Ngo-2016, iMamelodi Sundowns yadla isicoco seChampions League ikade isikhishwe ukukhishwa yi-AS Vita yaseDRC kwi-Last 16.

ICaf yathola ukuthi iVita yadlalisa umdlali kungafanele okwaholela ekutheni le nhlangano iyidingise, wavuleka kanjalo umnyango kwiSundowns.

Izolo emini, kuvele ukuthi neLupopo isimangalele iPirates ngokuyiphatha kabi ngesikhathi ise-Orlando Stadium, ukugxavuna unondweba nokuthela izitaputapu ezindlini zokushintshela ngokusho kwesitatimende esikhishwe nguDon Jean-Luc oyisikhulu esiphezulu saleli qembu.