ABALANDELI be-Orlando Pirates bephume ngobuningi e-Orlando Stadium
Image: ITUMELENG ENGLISH
INKULULUMO yesikhulu seCaf ngesikhathi kuqhathwa imidlalo yamaqoqo yeCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngoMsombuluko eGoli ikhombise ukuthi kusengenzeka kuvuleke umnyango wangemuva, i-Orlando Pirates ibuyele kulo mqhudelano okusale kancane ukuthi iwudle ngesizini edlule.
IPirates isale esigabeni sokugcina ngaphambi kwemidlalo yamaqoqo kulandela ukukhishwa kwayo yiSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) sekukhahlelwa amaphenathi.
Emuva kwalo mdlalo, kusabalale amahlebezi okuthi iPirates ifake icala kwiCaf ikhala ngokuningi okusuka esigwebeni somqeqeshi weLupopo, uGuy Bukasa, kuya kubadlali abanamagama ahlukene. Kuthiwa uBukasa wamiswa yiCaf emiqhudelwaneni yayo eqeqesha iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-20 laseDRC.
ULuxolo September, oyisikhulu sezokuxhumana kwiCaf, ukuqinisekisile ngoMsombuluo ukuthi isimangalo sePirates sisezithebeni zekomidi eliqondisa izigwegwe kodwa akazi ukuthi sizophuma nini isinqumo.
Uma iPirates iphumelela kulesi simangalo, kungenzeka ibuyele kwiChampions League, ikhishwe iLupopo okuvela ukuthi inamanye amacala evulelwe wona kwiCaf athinta abanye abadlali.
ILupopo ikleliswe kuGroup C obophele i-Al Hilal yaseSudan, Mamelodi Sundowns yaseMzansi neMC Alger yase-Algeria eqeqeshwa nguRhulani Mokwena.