Ezemidlalo Ibhola

UCardoso uvuma eyokwehla kwezinga leDowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau, ngomunye wabadlali baleli qembu abebegqamile ngesikhathi idudulana ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UKWAMUKELA kukaMiguel Cardoso ukuthi iMamelodi Sundowns kayibukeki sengathi izoshosholoza ibheke ekudleni isicoco seBetway Premiership njengenjwayo, kakumvuleli uphawini wokuzithambisa ngoba ukungasidli kuyoba yihlazo.

Lokhu kushiwo nguyena lo mqeqeshi wasePortugal, kulandela ukucazelana ngamaphuzu ne-Orlando Pirates kuba ngu 1-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

ISundowns eqhubekile nokuqhwakela kwi-log yize ilahle amaphuzu amabili, izobuyela enkundleni kusasa uma isiyobhekana ne-TS Galaxy ngo-7.30, koweligi kuyona le nkundla.

Kusukela kuqale isizini kukhulunywa eyokwehla kwezinga leSundowns okwenze abezindaba bawuqondisa kuCardoso lo mbuzo emuva komdlalo.

Nakuba engazange alibeke ngembaba kodwa uchaze okuningi athe kunomthelela wokuthi kube sengathi iSundowns ihlehla nyova okuyisimo esisiza iPirates kube sengathi yona iya phambili.

UCardoso ubale abadlali abamqoka abangekho kusukuka kuThemba Zwane, Mothobi Mvala, Thaelo Morena, Devine Lunga, Kutlwano Lutlhaku noMalibongwe Khoza njengenye yezinkinga zabo kule sizini.

Ukhalile futhi ngokuthi badlale ngaphandle kukaTeboho Mokoena noMiguel Reisinho bobabili abebengekho ngenxa yezigwebo zamakhadi.

“Kunezinsika eziningi ezilimele kanti kulaba abancane kunengxenye esingakwazi ukuyisebenzisa kwazise imatasa nezivivinyo zokuphela konyaka,” kusho uCardoso.

“Uma uqhathanisa lokhu nokuthi besibhekene neqembu eliqinise isikwati salo ngabadlali beBafana Bafana muva nje, kufanele siziqhenye ngesikwenzile.

“Bengivele ngingalindele umdlalo omnandi kumbe oneminyakazo njengoba kuhlale kwenzeka uma kubhekene amaqembu abangayo. Kuliqiniso ukuthi kulokhu izinto ngeke zibelula njengakweminye iminyaka kodwa lokhu akusho ukuthi sizosidedela kalula isicoco.

“Izinkinga esibhekene nazo zizodlula siphinde sibuyele esimweni esejwayelekile. Okungafanele bakukhohlwe ababanga nathi wukuthi sesikwenze lokhu iminyaka ilandelana ngakho-ke nakulokhu sibona kuyithina iqembu elizodla isicoco seligi."

Uvumile lo mqeqeshi ukuthi iPirates ibukeka izobamisa kabi kulokhu kodwa wenqaba ukwamukela ukuthi izobagudluza.

“Akuphikiwe ukuthi iPirates isiqine ngaphezu kwalokhu ebiyikhona ngesizini edlule kodwa kusazoqhubeka kube yiSundowns iqembu elikhonyayo ebholeni laseNingizmu Afrika.”