AmaZulu FC
Image: X
UMNDENI wakwaZungu ongabaphathi baMaZulu FC ugubhe ukuqeda iminyaka emihlanu wathatha ubuholi baleli qembu laseThekwini emndenini wakwaSokhela ngokumemezela izinguquko ezinqala ebhejini kusukela ngesizini ezayo yeBetway Premiership.
Njengoba Usuthu lugubha iminyaka engu-93 lwasungulwa abaphathi balo abaholwa wumengameli uSandile Zungu babone sekuyisikhathi soshintsho ngenhloso yokuhambisana nesikhathi samanje.
Lokhu kushiwo wuSinenjabulo Zungu-Ntuli oyiChief Executive Officer (CEO) yoSuthu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwalezi zinguquko obuyizolo ePrinces Magogo Stadium, KwaMashu.
“Bekungelula kwazise Usuthu seluzinze kuleli bheji iminyaka eminingi kodwa ukuhamba kwesikhathi yikhona okusiphoqe ukuthi senze lezi zinguquko,” kusho uZungu-Ntuli.
“Kuyinto esiyiqondayo ukuthi AmaZulu akulona iqembu lebhola kuphela kepha yisikhungo semikhakha ehlukene exhumene nokuthuthukiswa komphakathi.
“Okuningi okuxhumene nebheji elisha neziqubulo ezintsha kususelwa kokushiwo ngabalandeli baleli qembu njalo uma besenkundleni,” kusho uZungu-Ntuli.
Nakuba sezimenyezelwe lezi zinguquko kodwa zizoqala ukubonakala emfaniswaneni wangesizini ezayo kwazise owale sizini (umfaniswano) usanda kwenziwa ngabaxhasi nabo abangebadala okuyinkampani yakwaPrimo.
Kulo mcimbi AmaZulu amemezele ‘i-mascot’ yawo entsha ezokwaziwa ngelikaHebe.
AmaZulu enza lezi zinguquko nje namuhla anomdlalo omqoka neChippa United ngo-3.30 ntambama, eBuffalo City, Stadium, e-East London.
Kulo mdlalo adinga kuwona amaphuzu ayobhekana neChippa kaVusimuzi “Kanu” Vilakazi owaqashwa ngesikhathi esisodwa no-Arthur “Phakimpi” Zwane namanje osahleli esihlalweni.
Laba baqeqeshi bazana ukusuka nokuhlala kanti iChippa iwadinga kakhulu amaphuzu kwazise idlalela ngasemsileni kwi-log okwenza ezikaZwane zingabi nawo uphawini wokuzithela ngabandayo.