USEBENZISE inyanga yamagugugu uMnuz Duduzani Zuma ukuvuselela ugqozi lwezemidlalo nokufundisa abantu ngokubaluleka kwalo mkhakha.
Ngempelasonto, uZuma uhlanganise amaqembu awu-50 eGateway kwawina iDa Boyz ewashaye emakhanda ebholeni lezinyawo.
Le midlalo ibilandela eyangesonto eledlule ebibanjelwe eNewlands, eThekwini.
UZuma uveze ukuthi ezemidlalo ziyingxenye yempilo ebalulekile ngoba zigcina ingqondo nomzimba kunempilo futhi ziletha impumelelo kwabanamakhono avelele.
"Kunanoma yini oyenzayo kumele umqondo wakho nomzimba wakho kuphile. Noma ngabe wenza luphi uhlobo lwezemidlalo kubalulekile ngoba kuhlanganisa abantu ndawonye. Akugcini ngokubamnandi nokuncintisana kodwa kuvula namathuba kwimkhakha eminingi," kusho uZuma.
UZuma uthe yize beqale ngebhola lezinyawo kodwa alukho uhlobo lwemidlalo abazogcina bengakwazanga ukulekelela kulo.
"Ngifuna ukuvula inkundla engazokhetha bala ezosiza emiphakathini eyahlukene ngamathuba," kusho uZuma.
Eqhuba, uthe yize okwamanje eyenza KwaZulu-Natal le midlalo kodwa uzohambela izifundazwe ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi intsha ithola amathuba kuzona zonke izindawo ezakhele iNingizimu Afrika.
Ngaphandle kwezemidlalo, uZuma umatasa nanezinhlelo zokulula isandla emiphakathini eyahlukene njengoba kuvame ukusabalala nama-video elungisa imigwaqo, izitamukoko noma besiza abaswele.