SITHEMBISO MKHIZE
INSIZWA yaKwaZulu-Natal uZakithi Nene, ikholelwa ekutheni izoligeza igama layo kumaWorld Athletics Championships, azoba nonyaka ngo-Agasti 19-27, eBudapest, eHungary.
UNene ungomunye wabasubathi abangaconsi phansi esifundazweni. Ngonyaka odlule nguye yedwa waKwaZulu-Natal, neNingizimu Afrika kuma-Olympic Games abaseTokyo, eJapan.
Namanje umsubathi owenza ibanga lika-400m, usesenzile isikhathi esimusa kumaWorld Champs, eBudapest, eHungary. Wenze esiwu-44.4 emqhudelwaneni wamaDiamonds obuseZurixh, ePeris, eFrance.
Kukhulu ukukhala kulo nyaka ngezikhathi okumele abasubathi bazenze uma befuna ukuya uBudapest. Isibonelo nje, ebangeni lika-400m, kumele abasubathi benze esiwu-45.00. Ngonyaka odlule , e-Oregon, e-United States of America (USA), bekumele bagijime esiwu-44.90.
"Njengoba bonke abagijimi abazimisele njengami, ukhisimusi angiwazi. Bengijima, kunzima. Sengike ngaya emiqhudelwaneni emikhulu, kulokhu ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngiyalihlanza igama lami. Ngaso sonke isikhathi uma ngigijima emiqhudulwaneni yomhlaba ngibeka phambili izwe lami," kubeka uNene.
Zimi kanje sezizonke izikhathi zokuhlungela amaWorld Champs ngonyaka ozayo:
Kwabesilisa:
Kwi-100m u10.00; 200m (20.16); 400m (45.00); 800m (1:44.70); 1500m (3:51.20); 5000m (13:07.00); 10 000m (27:10.00); marathon (2:09.40); 3000m steeplechase (8:15.00); 110m hurdles (13.28); 400m hurdles (48.70); high jump (2.32m); poul voult (5.81m); long jump (8.25m); triple jump (17.20m); shot put (21.40m); discus throw (67m); hummer throw (78.00m); javelin throw (85.20m); decathlon (8460 pts); 20km race walk (1:20.10); 35km race walk (2:29.40).
Abesifazane:
100m (11.08); 200m (22.60); 400 (51.00); 800m (1:59.80); 1500m (4:22.00); 5000m (14:57.00); 10 000m (30:40.00); marathon (2:28.00); 3000m steeplechase (9:23.00) 100m hurdles (12.78); 400m hurdles (54.90); high jump (1.97m); poul voult (4.71m); long jump (6.85m); triple jump (14.52m); shot put (18.80m); discus throw (64.20m); hummer throw (73.60m); javelin throw (63.80m); heptathlon (6480 pts ); 20km race walk (1:29.20); 35km race walk (2:512.30).