LINYUKILE ithemba lokuthi iNingizimu Afrika izoligeza igama layo ngesikhathi izethenjwa zayo zenza kahle emijahweni yokuqala kumaWorld Athletics Championships aqale ngoMgqibelo odlule eBudapest, eHungary.
NgoMgqibelo, kuqale u-Akani Simbine enqoba ku-heat 7 ebangeni lika-100m ngesikhathi esingu-9.97.
Udlulele emjahweni owandulela owamanqamu. NgeSonto abakuleli baphinde bajatshuliswa uWayde van Niekerk onqobe ku-heat 2 ngesikhathi esiwu-44.57 ku-400m.
Lo msubathi ophethe irekhodi lomhlaba kuleli banga, ube esedlulela kowandulela owamanqamu ozoba ngoLwesibili.
Omunye odlulele esigabeni esilandelayo kuleli banga, uZakithi Nene olale eyesine ngesiwu-44.88.
Abanye abenze kahle, uTshepo Tshite olale indawo yesibili ngesikhathi esiwu-3:46.79 ebangeni lika-1500m.
Ebangeni lika-100m, izinto azibahambelanga kahle oShaun Maswanganyi noBenjamin Richardson njengoba bephume kweyesine ngokuhlukana kwama-heat, bahluleka wukudlulela kweyandulela owamanqamu.
Abemakhulu amathemba okuthi uMaswanganyi uzokwenza kahle eHungary kwazise usanda kunqoba indondo yesiliva kumaWorld Student Games abeseChina emasontweni edlule. Usanda kunqoba neyethusi kumaNCAA Championships e-United States of America.
Abanye okubabhedelile uRyan Mphahlele nentokazi uCarina Viljoen ebangeni lika-1500m. UKyle Blingnaut noBurger Lambrechts bakhale ngaphansi kwi-shot put.
INingizimu Afrika ibheke ukugeza igama layo kule midlalo njengoba ingabuyanga naneyokubika indondo nyakenye e-Eugen, e-USA kanjalo nango-2019, Doha.