ISILOMO somdlali weqembu lesizwe labesifazane lekhilikithi, uNonkululeko Mlaba, sithembisa ukunikela ngomklomelo wemoto uma kwenzeka sidla umhlanganiso kumaKZN Sports Award, anamuhla, e-ICC, eThekwini.
Le ntokazi ekleliswe endaweni yesibili kubashwibi emhlabeni kuma-One Day International (ODI), iqokwe eminxeni emibili.
NgoweSportswoman of the Year eqhathwe kuwo noMary-Lee Zulu webhola lombhoxo noThandolwethu Mothiba oyibhokisa.
Ozobaqwaqwada emakhanda uzokhala amuke nonyanyavu lwemoto. Akuvotwa lapha.
UNonkululeko uphinde waboshelwa nakoweSports Personality of the Year okuvalwe izolo ukuvotwa kuyona. Uqhathwe noZakithi Nene ongumgijimi, Grant Willians odlala ibhola lombhoxo, Mathew Sates ongumbhukudi noSamkelisiwe Mbatha odlala i-wheelchair basketball.
Ozothola amavoti amaningi uzoklonyeliswa ngo-R50 000.
Akubuzwa ukuthi lo mdlali waseNtuzuma B, okhiqizwe iLindelani Cricket Club, uqokelwe kule minxa ngenxa yokulima indima ngokufinyelela kwamaProteas kowamanqamu e-ICC Women's T20 World Cup ekuqaleni konyaka. Sekungumlando ukuthi elakuleli lishaywe i-Australia ngama-runs awu-19.
Ngalokhu kuzimisela ube esehlabana ngendondo yeWomen's T20 International Player of the Year neyeWoman's Player's Player of the year kumaCricket South Africa Award maphakathi nonyaka.
UNonkululeko utsheli Isolezwe ukuthi ngoLwesibili injabulo yakhe ithe ukuphazamiseka ethola izindaba zokuthi uWandile Xulu abadlala naye kwiHollywood Dolphins Ladies, ushayiswe imoto eya ejimini eKingsmead Cricket Stadium. Uthe ngenhlanhla uthole imihuzukwana wase ephuthunyiswa esibhedlela. Uveze ukuthi akasazi ukuthi sebebanjwe inkunzi kangaki uma beya noma bebuya ejimini. Yena uze wasizwa ukuthenga imoto.
Uveze ukuthi uthandazela ukuthi anqobe umklomelo weSportswoman of the Year ukuze anikele ngayo kozakwabo nakubadlali bangakubo.
"Ibuhlungu into eyenzeke kuWandile. Sesibonga ukuthi akalimalanga kakhulu. Namaphara awazibekile phansi uma kuyiwa noma kubuywa ejimini. Uma ngiyiwina le moto ngizozama ukuyishintsha, ibe itekisi ukuze isize ozakwethu abangenamoto. Izosiza nabadlali bangasekhaya," kubeka uNokulunga.
Ubonge wanconcoza kuSandile Caluza obemqeqesha kwiLindelani.
Uveze ukuthi ikhilikithi iyishintshe kakhulu impilo yakhe.
"Ngikwaze ukulungisa ekhaya, ngathenga imoto ngenza nokunye engingeke ngikwazi ukukudalula. Ngizimisele ngokuqhubeka nokusebenza kanzima, kusekude phambili. Ngifuna umndeni wami nomphakathi wangakithi nabo bonke abangesekayo baqhubeke nokuziqhenya ngami.“
Le ntokazi iqale ngo-2019 ukudlalela iqembu lesizwe kubhekenwe ne-India kwi Women's T20 International (WT20I).
NgoFebhuwari nyakenye ifakwe eqenjini elidlale iWomen's Cricket World Cup, eNew Zealand.
Ubekhona nakuma-2022 Commonwealth Games, eBirmingham, e-England.