UMSHWIBI webhola elisheshayo ongomunye wabadlali asebenamava kumaProteas, uKagiso Rabada, ubona bezofana nenhlanzi emanzini benozakwabo kwi-ODI Cricket World Cup ezodlalwa e-India.
URabada uthi akubona kuzobenza bangabanjwa yinomfi kulo mqhudelwano oqala ngoLwesine, wukuthi iningi labo lidlale kakhulu e-India kulo nyaka.
Iningi akhuluma ngalo uRabada belikhona kwi-IPL futhi bake badlala ikhilikithi yebhola elimhlophe (ODI neT20) emidlalweni engu-11 kulo leliya lizwe kulo nyaka neqembu lesizwe.
“Kuyasiza uma ulwazi uhlobo lomoya obhekene nalo ezinkundleni ezahlukene. Ukudlala e-India kule minyaka embalwa eyedlule, kuzonika umdlali ngamunye amasu okuyiwo okufanele awasebenzise,” kusho uRabada.
“Iningi eqenjini lethu lidlalile e-India futhi nalaba abangakaze badlale kangako, kumqoka ukubahabulisa.”
Amalungiselo amaProteas abe nezihibe. Kuqale kwalimala, okuphoqe baphume esikwatini, abashwibi ababalwa kwabathenjiwe u-Anrich Nortje noSisanda Magala.
Ukaputeni wamaProteas uTemba Bavuma uphoqeleke ukushiya phakathi ikhempu yamalungiselo yamaProteas, abuyele ekhaya ngenxa yezidumo zomndeni.
Kuhlalelwe ethembeni lokuthi abe esebuyele enkanjini kozakwabo ngaphambi komdlalo wokuqala weWorld Cup neSri Lanka ngoLwesine.
Uma izimo zimvimba ukuthi abe esebuyile, iqembu lizoholwa ngukaputeni weT20, u-Aiden Markram bese kuthi uQuinton de Kock avule kwabashaya ibhola noReeza Hendricks.
AmaProteas neBafana Bafana emaqenjini esizwe yiwona kuphela amaqembu angakaze ahlabane ngemiqhudelwalo yamazwe ngamazwe omhlaba.
AmaBhokobhoko aseyiqukule kaningi iNdebe yoMhlaba, okungamahlandla amathathu futhi kubhekeke ukuba ayinqobe okwesine njengoba ebhekene nempi eFrance.
Olunye ulwazi luthathwe kwi-IOL.co.za ngokuloba kukaZahier Adams.