UKHOLELWA ekutheni wukuzalwa nesibusiso sokuba umholi nokusebenza ngokuzikhandla okwenze wadlala umhlanganiso kumaKZN Sport Awards, uNomkhosi Zulu oyisikhulu kwiKZN South African football Association (Safa).
Le ntokazi yaseMsebeni, eSheshi, KwaNongoma, inqobe kumunxa we-Administrator of the Year. Ihlule uGugu Ngema we-netball no-Alec Lenferna we-cycling.
UNomkhosi owaziwa ngokuphatha ngobunono imicimbi yeSafa KwaZulu-Natal, utshele leli phephandaba ukuthi waqale wawangabaza amehlo akhe ethola umyalezo omazisa ngokuqokwa kwabathathu bokugcina kulo munxa. Uthe umqondo waze wabuya ngokuqhubeka kwezinsuku, kwayima ekholwa ngakubonile. Ngosuku lomcimbi uthe wayeqhaqhazela ngenxa yokwethuka.
"Sekumenyezelwe ukuthi yimi onqobile ngavele ngandwaza, ngaze nganyakaziswa owayeseceleni kwami ukuze ngiyomukela indondo. Ngibonga kakhulu kozakwethu ngokuhlale bengixhasa. Ngaphandle kwabo ngabe anginqobanga. Empeleni le ndondo ngeyethu sonke kwiSafa. Ngibonga kakhulu nakubanikazi bamaqembu engisebenzisana kahle nabo," kubeka uNomkhosi owaqala ukusebenzela iSafa esifundeni saseMkhanyakude.
Uveze ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla nokuhlale elangazelela ukufunda kwenza kube lula ukubheka nezingqinamba emsebenzini wakhe.
"Umsebenzi wami unazo izingqinamba njengoba ngiwumuntu wesifazane osebenzisana kakhulu nabesilisa. Kunesikhathi lapho ngiye ngibone ukuthi ngiyaxhashazwa. Esikhundleni sokudikibala ngivele ngithi othi ngisebenze kakhulu kunakuqala ukuze bezongibona ukuthi ngiwubani. Ngenxa yalokhu kuzikhandla sengiyahlonishwa kwengikwenzayo. Kuqala bekulukhuni ukutshela umnumzane womuzi ukuthi unephutha. Ngasizwa ukuthi yonke into ngiyihambise ngomthetho weSafa.“
UNomkhosi uthe akagcini nje ngokusebenzela iSafa kodwa ibhola ligijima emithanjeni yakhe yegazi njengoba alidlala esafunda eMsebe Primary nasePhumanyova High khona KwaNongoma.
Uveze ukuthi ukuzimisela kwakhe kwaholela ekutheni afakwe ekomitini leKwaNongoma Sports Confederation esafunda.
Ngo-2006, sekudlule isikhashana eqede u-matric, wathola umsebenzi eMkhuze nokuyilapho ahlangana namanye amantombazane basungula uMkhuze Ladies.
"Yikho ngithi ukuhola ngazalwa nakho. NakuMkhuze Ladies ngidlale kancane ngase ngenziwa umphathi ngaphambi kokuqashwa ehhovisi leSafa, eMkhanyakude ngo-2007. Ukuqhubeka nokuzikhandla kuholele ekuqashweni kwihhovisi lesifundazwe ngo-2009.“
Ayikufihlanga le ntokazi ukuthi ngelinye ilanga ifisa ukusebenzela iFifa okuyinhlangano ephethe ibhola emhlabeni.
"Kusekuningi kakhulu okusamele ngikufunde kwabadala. Ngiyakholelwa ekutheni uma ngizosebenza kanzima ngizogcina ngifikile lapho ngifisa khona. Isifiso sami ukuthi ngishiye iKwaZulu-Natal ingasasokoli emalini. Ngiqonde ukuthi kungaba intokozo ukuyishiya seyinabaxhasi," kusho uNomkhosi.