UMDLALI wamaBhokobhoko, uSbu Nkosi, akekho esimeni esilungele ukuthi adlale, ngokusho komqeqeshi weBlue Bulls, uJake White.
UNkosi, owayeseqenjini lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019, akakalitholi ithuba selokhu kuqale iCurrie Cup.
Ngempelasonto edlule, ubizelwe eqenjini lamaBarbarians ebelidlala neqembu leWorld XV eTwickenham, e-England. Womabili la maqembu abebunjwe ngabadlali abavela emazweni ahlukene.
UNkosi ushayele amaBarbarians ama-try amabili kulowo mdlalo onqotshwe yiWorld XV ngo 48-42.
Ube esefaka isithombe ekhasini lakhe kwi-Instagram nombhalo othi: "Luvuselelekile uthando lwami ngokuhlala isonto nje namadoda anezinhliziyo ezihlanzekile. Ngiphumulile ekuhlulelweni ngamadoda azibona emakhulu kunalokhu ayikhona."
UWhite ekhuluma nabezindaba, uthe kumphoxile ukubona uNkosi ephawula kanje ekubeni iqembu limeseke ngokuphelele ngesikhathi ebhekene nezingqinamba.
Lo mdlali uke wanyamalala amasonto amathathu engazilolongi neqembu ngoNovemba, nyakenye. Esebuya wakhala ngengcindezi iqembu lamnika ikhefu.
“Nginezingane ezilingana naye. Angicabangi ukuthi kukhona umuntu ofuna ukubona umdlali osewine iNdebe yoMhlaba engasenaso isiqiniseko sokuthi uzoqhubeka nokudlala umbhoxo,” kusho uWhite.
"Ungumdlali onekhono. Ngiphoxeke kakhulu ngalokhu akubhale ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi njengoba iBulls imvumelile ukuthi ayodlala kulo mdlalo phesheya.
“Ukhulile manje. Kufanele enze izinqumo mayelana nokuthi ufuna ukuya kuphi futhi lokho akuncikile kwabanye abantu.
“Njengamanje akadlali kahle ngokwanele futhi akaziqeqeshi ngokwanele. Angimboni esesimeni esigunyaza ukuthi agudluze abadlali abebevele beziqeqesha futhi bedlala eqenjini,” uWhite uphethe kanje.
UNkosi wagcina ukudlalela amaBhokobhoko ngo-Okthoba, ka-2021.