UKHOLELWA ekutheni kungazuza neNingizimu Afrika uma engadla umhlanganiso uSamkelisiwe Mbatha odlala i-wheelchair basketball, oqokwe emunxeni weSports Personality of the Year, kumaKZN Sports Award, anamhlanje ngo-6 ntambama, e-ICC, eThekwini.
Le ntokazi ( 22) iqhathwe noZakithi Nene ongumgijimi, Grant Willians odlala ibhola lombhoxo, Nonkululeko Mlaba wekhilikithi noMathew Sates ongumbhukudi.
Ozothola amavoti amaningi uzoklonyeliswa ngo-R50 000.
USamkelisiwe odabuka eThafamasi, KwaShangase, eNdwedwe, utshele Isolezwe ukuthi akakholwanga ngesikhathi etshelwa ukuthi ufakwe kulo munxa. Uthe uyaziqhenya, uzizwa ebusisekile.
Ube eseveza ukuthi ukube akanalo uthando lwalo mdlalo ngabe kade awuyeka.
Uthe njengoba ehamba ngesihlalo esinamasondo, uthwala kanzima ukuze afinyelele ejimini noma lapho bedlala khona, ngakho uma enganqoba le mali angazama enye yokugcwalisela ukuze athenge imoto.
"Esikhathini esiningi sijima ntambama. Ngiphoqeleka ukuqasha imoto ezongihambisa. Uma ngingenayo imali ngisebenzisa amatekisi. Abanye abashayeli bayanqaba ukungigibelisa, bathi i-wheelchair izolimaza izihlalo.
“Mihla namalanga ngiphila impilo yokubancenga. Uma sekubuywa ebusuku njalo ngithandazela ukufika ekhaya ngiphephile. Lo mklomelo ungangilekelela ekuthengeni imoto ezongisiza ngijime ngesikhathi engisithandayo. Lokhu kungalikhulisa ithalente lami. Lokhu kusho ukukhula kwamathuba okuhlabana kwelakuleli emiqhudelwaneni yomhlaba. Ngifongqa isigqoko ukuthi abantu bangivotele, ngeke bazisole," kubeka uSamkelisiwe obeseqenjini ebelimele elakuleli kumaCommonwealth Games, nyakenye, eBirmingham, e-England.
Emasontweni edlule ubeseThailand, kuma-2023 Women's Under 25 Wheelchair Baskeball World Championship.
Ubonge wancocoza kuSiphamandla Gumbi oqeqesha iKZN Warriors adlala kuyo nakoweqembu lesizwe, uTrooper Johnson wase-USA. Akamshiyanga ngaphandle ugogo wakhe, uSiphindile Mbatha nokhulu uThula Mbatha athe ushone ngo-2018.
Ubancome ngokumeseka selokhu akhubazeka ngo-2011.
Ubonge nomndeni wakwaMbatha, Khumalo nakowomqeqeshi wakhe, athe umthatha njengendodakazi yawo.
Entsheni ekhubazekile uSamkelisiwe udlulise umyalezo wokuthi ingazeyi futhi ingazenyezi.
"Yebo angikafiki lapho ngifisa khona, kodwa ikhona indima esengiyilimile nakuba ngiwumuntu wesifazane okhubazekile, ohlala emakhaya. Kunzima kunjalo, ingekho ingqalasizinda yabakhubazekile, asivuke sizithathe. Ukukhubazeka akungasivimbi ekufezeni amaphupho ethu," kuqhuba le ntokazi eqale ukudlala lo mdlalo ngo-2014 isafunda e-Open Air School, EGlenwood, eThekwini.