UMSUBATHI waseMnambithi, uZakithi Nene, ubonge uWayde van Niekerk enqoba indondo yeSports Personality of the Year kumaKZN Sport Awards abengempelasonto edlule, e-ICC, eThekwini.
UNene (25) uqwaqwade emakhanda oNonkululeko Mlaba odlalela iqembu lesizwe labesifazane lekhilikithi, Matthew Sates ongumbhukudi, noSamkelisiwe Mbatha we-wheelchair basketball.
Akungatshazwa ukuthi iningi liqome ukuvotela lo mgijimi webanga lika-400m ngenxa yokwenza kahle kulo nyaka.
Okube yimpumelelo enkulu wukunqoba umlenze waseStockholm, eSweden, wochungechunge lweDiamond League.
Okunye okuhle ngaye ukuthi usesenzile isikhathi esimfaka eqenjini lakuleli eliya kuma-Olympic Games, eParis, eFrance ngonyaka ozayo.
Uma egcina ngokuqokwa uzobe eya okwesithathu kulo mqhudelwano.
UNene uthe kule minyaka edlule ubudlelwano bakhe noNiekerk bukhule kakhulu.
UNiekerk uzakhele igama ephula irekhodi kwibanga lika-400m kuma-Olympic abengo-2016, eBrazil. Usanda kululama ekulimaleni okumhlalise isikhathi eside engagijimi.
"Empeleni kokuningi ngikubukela kuye uWayde. Ukuba seduze kwakhe kuyisibusiso. Uhlale engihlomisa ngamaqhinga okunqoba. Ngaso sonke isikhathi uhlale engigqugquzela ekwenzeni kahle. Uhlale engitshela ukuthi uma ngizoqhubeka nokuzikhandla ngelinye ilanga ngiyoliphula irekhodi. Ngimbonga kakhulu," kubeka uNene ocijwa uVictor Vazz.
Akawushiyanga umndeni wakhe, abantu basesifundeni sasoThukela nomndeni wonke wezokugijima.
"Bengingazi ukuthi abantu bangithanda kangaka. Engikuqaphelile ukuthi yinqwaba ebukela kwindlela engenza ngayo izinto. Ngifisa ukuqhubeka nokuba yisibani entsheni yakuleli. Ngibonga kakhulu nakuMnyango wezeMidlalo ngeqhaza olibambile ekuthuthukiseni ezemidlalo kulesi sifundazwe.“
UNene uveze ukuthi lo nyaka bewuxube okuhle nokubi.
"Angeke ngithi lo nyaka bewumuhle kukho konke. Ngiwuqale ngokulimala ngaphambi kokwenza kahle kwiDiamond League. Ozayo uzobe ungomkhulu, ngikubheke ngabomvu ukwenza kahle kuma-Olympic. Okuhle ukuthi sengisenzile nesikhathi sawo. Sengilinde ukubona ukuthi ngizoba khona yini esikwatini esiya eFrance," kubeka uNene.
Uthe nakuba izinto zimhambela kahle kodwa usewumfana omncane ngakubo, eHyde Park, eMnambithi.
"Impumelelo yami ayingingeni ekhanda, ngigcine senginempakamo. Ngasekhaya ngisewumfana njengazozonke izingane. Ngisathunywa kungabi ndabazalutho.“