UMsawenkosi Mtolo noThabani Msiya banqobe iNon Stop Dusi Canoe Marathon okwesihlanu iminyaka ilandelana ngesikhathi esingu-7:44:24 kusukwa eMgungundlovu kuyiwa eThekwini, ngoLwesihlanu.
INon Stop Dusi kayifani neDusi Marathon egwedla izinsuku ezintathu njengoba yona iwusuku olulodwa.
Lo mjaho wokugwedla izikebhe webanga lika-108km uqale ngoLwesihlanu ekuseni eBishoptowe Hall, eMgungundlovu, wasongwa ntambama eBlue Lagoon, eThekwini.
UMtolo noMsiya abebegwedla ndawonye (K2) banqoba lo mjaho nje, bebevele bethwelwe ngeqoma ngokuwunqoba kwazise besebewunqobe amahlandla amane iminyaka ilandelana.
Endaweni yesibili kungene uMatthew Fenn obegwedla yedwa (K1) ngesikhathi esingu-8:8:12. Kweyesithathu kube nguBenjamin Mntonintshi noWongama Makasi abebegwedla ndawonye.
UMtolo oya ngokuya ekhombisa okukhulu ukudlondlobala kulo mdlalo wokugwedla, ngoFebhuwari ulale isibili kwiDusi Marathon egwedlwa izinsuku ezintathu ebisuka eMgungundlovu ibheke eThekwini egwedla noSbonelo Khwela. Lo mjaho unqotshwe ngu-Andy Birkett egwedla noFenn.
Nakuba kusalokhu kukhonye uBirkett kwiDusi Marathon yebanga elide, njengoba eseyinqobe kwaze kwaba ngamahlandla angu-14, kodwa ziya ngokuya zizwakala izigi zabagwedli abampisholo kulo mjaho njengoba nanyakenye uMtolo kunguyena olale isibili ehlezi ezithendeni uBirkett kwi-K1.