UQHUBEKILE nokuzakhela igama kwezokusubatha uNtsindiso "Mhlekazi" Mphakathi evikela isicoco sakhe kwiPrince Mangosuthu 52km Ultra Marathon, waphula nerekhodi kulo mjaho ngeSonto ekuseni.
Umjaho ubusuka eNquthu wayophelela eDundee. UMphakathi ogijimela i-Ensika AC, ushaye intambo ngesikhathi esiwu-2:56.29. Uma kwehliwa, uphule irekhodi likaNkosikhona Mhlakwana alenze ngo-2021 egijima esiwu-2:59.15.
Nyakenye lo mgijimi wanqoba umjaho kunyukwa, kuyiwa eDundee, eqeda ngo-3:00:08.
Ngokunqoba lapha uMphakathi oqeqeshwa uHandrick Ramaala, ukhale wemuka nesamba sika-R100 000.
Kwisibili kube uMsawenkosi Mthalane (2:57.52) wayo i-Entsika.
Isithathu sathathwe uWinfred Mutiro waseZimbabwe (2:58.01).
Kwabesifazane u-R100 000 uhambe no-Shelmith Muriuki waseKenya (3:22.18). Isibili kube uJenet Mbhele weXcel Running Club (3:27.39), isithathu kwaba uZinhle Shabalala weHollywoodbets AC (3:36.53).
Okuqapheleke kulo mjaho ukuthi yonke into beyisezingeni eliphezulu. Emzileni amanzi nezinye iziphuzo bekungangolwandle. Namamashali nonondweba bebekuwona wonke amakhona.
Ngesikhathi kuqhuma isibhamu uMutiro uqhashise okwenhlavu, ehamba phambili. Kunesikhathi lapho wonke umuntu abese ezitshelile ukuthi umhlanganiso uzodliwa wuye. Nokho sekusele amakhilomitha amane kufikwe entanjeni, kuqhamuke uMphakathi wayoshaya intambo.
UMphakathi uveze ukuthi usizwe ozakwabo kwi-Ensika ukuze anqobe.
"Ngaphambi kokuthi sifike ku-38km ngitshele ozakwethu ukuthi kuyonakala, abasubathi bamanye amakilabhu abebeku-Two Oceans Marathon bavula igebe phambili. Yilapho ngiqale khona ukwenyusa indlela ebengigijima ngayo. Nozakwethu ngemuva benze okufanayo. Yingakho kweyesibili kungene uMthalane," kubeka le nsizwa edabuka eTyatyana, ePorts S.t Johns, e-Eastern Cape.
Uveze nokuthi njengoba kuwuye kuphela ekhaya osebenzayo, lo mklomelo uzomsiza ekuqhubekeni nokondla unkosikazi wakhe, amadodakazi akhe amabili, izingane zakubo nonina uMaMthembu.
Okwenze abaningi bajabulela uJenet ngokulala isibili ukuthi bekungokokuqala egijima i-Ultra Marathon.
"Kungaba ngenza iphutha ngokungabancomi abahleli balo mjaho. Endleleni asiswelanga lutho. Ngijabule kakhulu ngokwenza lesi sikhathi. Empeleni mina bengizibekele ukwenza esiwu-3:30. Ukhumbule ukuthi bekungokokuqala ngigijima i-Ultra Marathon," kubeka uMbhele.
Imeya yasifunda uMkhanyakude, uPetros Ngubane, ibonge uMntwana waKwaPhindangene ngokuvuma ukuhlonishwa ngalo mjaho.
"Kuyintokozo ukubona lo mjaho ukhula mihla yonke. Siyethembisa ukuthi sizoqhubeka nawo. Ulima indima enkulu kwintuthuko yomphakathi wethu," kubeka imeya uNgubane.
Ebangeni lika-21km obekungokokuqala lifakwa kwiPrince Mangosuthu, kwabesilisa kunqobe uJobo Khothoane olale isibili kwiTwo Oceans emasontweni edlule. Wenze esiwu-1:04.09 Isibili sithathwe uMbuleli Mathanga owashaya intambo kuleli banga kwiTwo Oceans. Wenze esiwu-1: 05.58. Kwabesimame kube uNeheng Khathala (1:17.15). Abanqobile baklonyeliswe ngo-R50 000.
Ku-10km, kunqobe uTebello Ramakongoana (29.22) kwabesilisa, noCacisile Sosibo (35.22) kkwabesifazane.