ONGUMPETHA wePrince Mangosuthu Ultra 52km Marathon ka-2023, uNtsindiso “Tata” Mphakathi, usephumele obala ngokungalibambi iqhaza emjahweni wakulo nyaka obekulindeleke ukuba avikele isicoco sakhe kuwona.
UMphakathi useyinqobe iminyaka ilandelana iPrince Mangosuthu Marathon, ngo-2022 nango-2023.
Umjaho wakulo nyaka ozobe unyuka usuka eDundee uya eNquthu, uzoba ngoMeyi 5. Umgijimi ozodla umhlanganiso kwabesilisa nabesifazane uzokhala emuke no-R100 000, isibili kube u-R50 000, isithathu kube u-R25 000 kwehle njalo kuze kuyofika endaweni yeshumi.
“Angizukukwazi ukugijima kwiPrince Mangosuthu Marathon yakulo nyaka ngenxa yokuthi ngilungiselela ukuyogijima iTwo Oceans Marathon engenyanga ezayo. Nginqume ukuthi ngingayigijimi iPrince Mangosuthu ngoba lokho kuzongikhathaza njengoba ngilungiselela nokuyogijima iComrades Marathon ngoJuni,” kusho uMphakathi, oqeqeshwa wuHendrick Ramaala ngaphansi kwe-Entsika Athletic Club.
“Ngonyaka odlule angiyigijimanga iTwo Oceans, yingakho ngakwazi ukuyigijima iPrince Mangosuthu.
Izinhlelo zami zakulo nyaka wukuthi ngigijime iTwo Oceans, iComrades ngoJuni neSoweto Marathon ngoNovemba. Ngakho-ke kufanele ngiyigweme eminye imijaho ukuze ngonge amandla.
Bengifisa impela ukuyoyigijima iPrince Mangosuthu, ngilwele ukuvikela isicoco. Kodwa iqiniso wukuthi yize siyidinga imali singabagijimi kodwa futhi kufanele singabeki yona phambili kunemizimba yethu, okuyiyona le esenzela imali, ikakhulukazi thina bagijimi abaziphilisa ngawo lo mdlalo wokugijima,” kuqhuba lo mgijimi odabuka ePort St Johns, osezinze eDube, eSoweto.
ITotalsports Two Oceans Marathon yebanga lika-56km izogijinyelwa eKapa, ngo-Ephreli 13. IComrades Marathon yodumo yebanga lika-87km ezobe inyuka isuka eThekwini ibheke eMgungundlovu, igijinywe ngoJuni 9.
Nyakenye uMphakathi akagcinanga ngokunqoba iPrince Mangosuthu Ultra Marathon, wadla umhlanganiso nakwi-African Bank Soweto Marathon yebanga lika-42, ngoNovemba.
UMphakathi wanqoba lo mjaho ngesikhathi esingu-2:21:13 eshiya uDaba Ifa Debele wase-Ethiopia, owayevikela isicoco.
Ngokunqoba kwakhe lo mjaho, waqeda ishobolo leminyaka lokwehluleka kwabagijimi baseMzansi ukunqoba lo mjaho njengoba kwakugcine ukwenzeka ngoMichael Mazibuko ngo-2011.