ISIHLABANI sakuleli se-wheelchair tennis, uKgothatso Montjane, sinqobe isicoco saso esikhulu salo mdlalo emhlabeni ngokudla umhlanganiso emqhudelweni wabesifazane abadlala ngababili (doubles) we-US Open, eNew York, ngempelasonto.
UMontjane nabambisana naye waseJapan, u-Yui Kamiji, badle isicoco bengawudlalanga owamanqamu ngenxa yokugula komunye wabadlali obekufanele babhekane nabo.
Bekumele babhekane noDiede de Groot noJiske Griffioen baseNetherlands kodwa uGriffioen wagula wangakwazi ukudlala.
Lesi yisicoco sesibili se-Grand Slam esithathwe nguMontjane no-Kamiji kulo nyaka kwazise baqale ngokudla iFrench Open ngoJuni, lapho beguqise uDe Groot no-Maria Florencia Moreno kowamanqamu.
Bafinyelele kowamanqamu eWimbledon ngoJulayi kodwa bakhala ngaphansi bebhekene noDe Groot benoGriffioen.
UMontjane ubekhishwe kuma-quarter-final kwi-US Open emqhudelwaneni wabesifazane abadlala ngabodwana (singles) lapho ehlulwe nguMomoko Ohtani waseJapan ngo 6-2 6-4.
I-US Open ayichazi kwi-website yayo ukuthi imali yabadlala i-wheelchair tennis izokwabiwa kanjani kodwa iqinisekise ukuthi abadlali bazohlukaniselana isamba esingu-USD 1.36 million (R26 million) sebebonke.
Abadlali abangaphili nokukhubazeka bazothola imali eshisiwe kulo mqhudelwano njengoba abanqoba izicoco zabadlala ngabodwana bethola USD 3 million (R57.4 million) umuntu ngamunye.
UMontjane noKamiji bathola isheke lika-20 000 wama-euro (ngaphansana kukaR410 000) ngokunqoba iFrench Open, okusho ukuthi umdlali ngamunye wathola ama-euro angu-10 000, olinganiselwa kuR205 000 emalini yakuleli.
Bathola 13 000 wama-pound (okulinganiselwa kuR310 000) ngokuphuma endaweni yesibili kwiWimbledon, okuchaza ukuthi umdlali ngamunye wagoduka no-6500 wama-pound (okulinganiselwa kuR155 000).
Khonamanjalo: Omunye umdlali waseNingizimu Afrika we-wheelchair tennis, uDonald Ramphadi, ufinyelele kowamanqamu kwabesilisa abadlala ngababili esigabeni seQuad kwi-US Open.
Nokho yena nozakwabo, u-Andy Lapthorne waseBritain, bashaywe kowamanqamu, nguSam Schroder noNiels Vink baseNetherlands ngo 6-1, 6-2.
Kwabadlala ngabodwana kwi-Quad, uRamphadi ukhishwe nguzakwabo uLapthorne kuma-quarter-final, emshaya ngo 6-2, 6-0.
URamphadi noLapthorne sebeke basithola isicoco esikhulu kulo nyaka behlula uHeath Davidson noRobert Shaw kowamanqamu weFrench Open ngo 6-1, 6-2.