UMPETHA weSanlam Cape Town Marathon, uStephen Mokoka, uthi yize engeneme ngesikhathi kodwa kumjabulisile ukuthi akwazi ukunqoba lo mjaho ogijinywe izolo kuleli dolobha.
Lo msubathi osemele elakuleli amahlandla amabili kuma-Olympic Games, uvekele isicoco asinqoba nyakenye, egqashula intambo ngesikhathi esiwu-2:09.58.
Bekungokwesithathu enqoba iCape Town Marathon engaphansi kweGold Label. Nyakenye, ubeyinqobe ngo-2:10.01 kwathi ngo-2018, wayithatha eshaya intambo ngo-2:08.31.
Kwabesilisa indawo yesibili ithathwe uDerseh Kindie Kassie (2:11.26), isithathu sathathwa uDagnachwe Adere Maru (2:11.52), okungabagijimi base-Ethiopia.
Kwabesifazane, intambo ishaywe uMeserek Meleka (2:24 .02) wakhona e-Ethiopia, isibili kwaba uTecla Kirongo waseKenya (2:27.56) noJudith Cherono waseKenya (2:30.32) wangena endaweni yesithathu.
Bobabili uMokoka noMeleka bakhale bemuka noR250 000 ngokunqoba. Intokazi yase-Ethiopia iphinde yahlabana ngoR100 000 ngenxa yokuphula irekhodi lomjaho.
Ngemuva kokunqoba izolo, uMokoka, utshele Isolezwe ukuthi ukuphikelela nokunqoba umjaho wezinga eliphezulu njengeCape Town Marathon, kumenza azizwe ebusisekile.
"Angikuveze nje ukuthi nakuba nginqobile kodwa umzila wakulo nyaka nakuba bewungemusha kimi kodwa bewunzima ngendlela exakile. Nginqobe ngizwe kahle. Ingijabulisile indlela engivivinyeke ngayo. Lo mjaho bewungenelwe ngabasubathi bezinga eliphezulu emhlabeni.
“Angeke ngisho ukuthi ngijabule ngesikhathi engisenzile kodwa ngijabule ngokunqoba. Ngithanda ukubonga kakhulu kumqeqeshi wami ngokwenza amalungiselelo alo mjaho ahambe kahle. Ngaphandle kwethimba engisebenza nalo ngabe kangizange nginqobe," kubeka uMokoka.
Uqhube wathi: "Okunye okungithokozisile ukubona isibalo esingcono sabasubathi bakithi bengena kwi-top 10 emjahweni wezinga eliphezulu ofana nalona. Ngiyabakhuthaza abasubathi bakithi ukuthi bazijwayeze ukungcweka nezingwenya. Lokho kuzosiza nezwe lethu ekwenzeni kahle emiqhudelwanweni yomhlaba. Ukuhlale ngigijima emijahweni enzima kungenye yezinto ezingisize ekunqobeni lo mjaho.“
Mayelana nomjaho olandelayo, uMokoka uthe usazohlala phansi nethimba lakhe babonisane. Uthe nakuba kunezinto angazizuzanga kulo nyaka kodwa ujabule ngendlela omphathe ngayo.