UKUHOLA iqembu lesizwe akungabazeki ukuthi yinto enkulu kuwo wonke umdlali kodwa kuNolusindiso Booi kungenzeka ukuthi kungaphezulu ngenxa yendawo yasemakhaya, eTrust No 3, adabuka kuyo e-Eastern Cape.
Akusikho nje ukuba ngumdlali wombhoxo weqophelo eliphezulu kodwa unobuholi nomoya wokuzinikela, okwenza bonke abaseduze kwakhe kanjalo namantombazanyana asafisa ukudlala umbhoxo.
KuBooi, umbhoxo awuvezanga nje amathuba okuphumelela enkundleni nangaphandle kodwa uklame indima enkulu ekuguquleni impilo yakhe, esuka ekubeni yinkomo edla yodwa, eba ngumuntu wabantu futhi umholi.
“Umbhoxo ungitakule endleleni yami yokuba namahloni, wangiveza ubumina obuyibo engibuthakaselayo,” kusho uBooi.
“Ozakwethu, abaphathi beqembu nabanye abantu abaningi engihlangane nabo empilweni yokudlala umbhoxo, bangisize kakhulu ukwakha ukuzethemba nokuthi ngibe wumuntu enginguye namuhla.”
UBooi usedlale kwiRugby Womens World Cup kabili, okusho ukuthi ngeyesithathu le ahola kuyo amaBhokobhoko e-New Zealand kuyimanje (bavule neFrance ngoMgqibelo ekuseni).
Udlalele namaSpringbok Women’s Sevens kodwa bezikhona izikhinsi, ezinjengokulimala.
Le ntokoza eneminyaka engu-38, ithi konke kuyenze yaqina kunokugongobala.
“Izinkinga ezinkulu empilweni yami ngingumdlali kube ngukulimala,” kusho uBooi.
“Sengike ngaphuka unyawo, ngaqhuma isiqhomo, ngaphinde ngashayeka umsipha wesithende, kodwa ukuba nesibindi nokuzinikela kwengikwenzayo, nasekululameni ngakwazi ukubuya kukho konke.”
“Ezintweni ezinkulu umbhoxo ongifundise zona enkundleni, wukubaluleka kokuhlanzeka nokusebenza ngokuzikhandla nangaphandle kwenkundla. Okunye wukubaluleka kokusebenza ngokubambisana nozakwethu.”
UBooi, ophothule iziqu zeBusiness Management azithola ngo-2019 eCape Peninsula University of Technology, ubengawunakile umbhoxo esakhula.
Eqinisweni ngumdlalo nje awunake esethe ukukhula, kwazise ukhule ngakubo kuyikhilikithi umdlalo ohamba phambili kontanga yakhe.
“Ngiseyintombazanyana bengingazi lutho ngombhoxo, yize bengingumuntu odlala imidlalo eminingi,” kusho uBooi.
“Emuva kokumenywa ukuba ngiyozilolonga kulo mdlalo, kwaba yima ngiwamukela umbhoxo. Akubanga yisikhathi esingakanani ngabe sengidlalela amaSpringbok Women, okwaba yiphupho elalifezeka.”
Kunabantu abambalwa ababenesandla empumelelweni kaBooi enkundleni kodwa uthi abazali bakhe (uSindiswa Booi, unina noMzuzu Quma okungiyise) yibo abaklame indima emqoka eyisisekelo sempilo yakhe ekubeni wumdlali.
IRugby World Cup ka-2021 yiyo obekuzoba ngeyesithathu kaBooi kodwa igcine ihoxile njengoba isize ifika manje.
“Kuzoba mnandi ukudlala kwiRugby World Cup yami yesithathu, osekusele wukuzinikela ngayo yonke indlela ukuba nguyena mdlali ohamba phambili endaweni yami,” kusho yena.
Okunye ngoBooi:
Ukudla akuthandayo - Umphoqolo (amasi enziwe ngophuthu)
Okunye akuthandayo ngaphandle kombhoxo - Yimfashini nokusubatha.
Abantu abayizibonelo zakhe - Ngabazali bami, bangeseke kukho konke ebunzimeni nasebuhleni kuze kube yimanje, ngisho nasezifundweni zami.
Asekuzuzile engumdlali - Ukumela kokubili amaBhokobhoko neSpringbok Women’s Sevens. Ukudlala kwi-2010 nakwi-2014 Rugby World Cup nokuqokwa ukuba ngumdlali ovelele - SA Rugby Women’s Top Achiever neWestern Province Women’s Player of the Year ngo-2018.
Okukwenza ungabambeki - Yintshisekelo yami yokuhlezi ngifunda nokuzinikela ekutheni ngingashayi ngezinqamulelayo.
Lolu daba luhunyushiwe luthathwa kwi-springboks.rugby