EMUVA kokwethulwa njengokaputeni esikwatini samaBhokobhoko sabadlali abangu-33 abazoyolwela ukuvikela isicoco somhlaba eFrance, uSiya Kolisi uphumele obala ngokuphila ngokwesaba.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ebusuku, eGoli, emuva kokwethulwa esikwatini sikaJacques Nienaber, uKolisi uveze ukuthi ubenovalo ngendawo yakhe ngenxa yokulimala.
Ubuya ekululameni edolweni ahlinzwe kulo ezinyangeni ezicela kwezine ezedlule emdlalweni wakhe wokugcina we-United Rugby Championship.
“Benginokwesaba (ukuthi akazukululama ngesikhathi) kodwa ngaqiniswa idolo yithimba lodokotela lamaBhokobhoko. Banginika ithemba ukuthi ngizolulama (ngesikhathi),” kusho uKolisi.
INdebe yoMhlaba, amaBhokobhoko angompetha bayo, iqala eFrance ngoSeptemba 8.
“Benginovalo olukhulu ngempela futhi ukuba bekungekho umkami, umndeni ngokunjalo nozakwethu asebeke babhekana nesimo engibuya kuso njengoRG (Snyman, okhona esikwatini) noHandre Pollard (nokho yena ongabizwangwa esikwatini ngoba kusabanjwe umoya ngokululama kwakhe naye edolweni).
“Bekuthi njalo uma ngingazizwa kahle ngixhumane nabo bese bengixoxela ngokuthi bona bazizwe kanjani ngesikhathi besesigabeni esifanayo, lokho bekunginika okukhulu ukuzethemba.
“Sesisonke nje, lesi simo sikwenza ukukhumbule ukuthi kungakulahlekela kalula kanjani konke lokhu.”
Ngenxa yokulimala, uKolisi akaze adlale kumaBhokobhoko kulo nyaka.
Nokho ngesikhathi engekho, leli qembu alishodanga ngabaholi kwazise ibhande likakaputeni lijikeleze kubadlali abathathu, bonke abakhona esikwatini esiya eFrance.
Labo nguDuane Vermeulen, abayibamba naye kuma-looseforward, oligqoke kabili ibhande emidlalweni yeRugby Championship.
Kowokuqala beholwa nguVermeulen, babhubhudle i-Australia ekuhambeni ngaphambi kokudlula kwi-Argentina ngephuzu elilodwa ekhaya.
Omunye oligqokile ngu-Eben Etzebeth kodwa ngaphansi kwakhe babuya nenduku kwiNew Zealand ekuhambeni. U-Etzebeth ukhombise ukuqina nokho eqhubeka nokudlala kulelo sonto ekubeni kwakushone uyise ekhaya eKapa.
Kamuva, ubuholi budlulele kuBongi Mbonambi ngaphansi kwakhe abehlule i-Argentina ekuhambeni.
Okubekubi emdlalweni kaMbonambi, yize amaBhokobhoko enqobile, alahlekelwe ngomunye wabaholi kuLukhanyo Am, owayekhona benqoba isicococ ngo-2019, eJapan.
Lo mdlali wamaphathi ugcine efakwe ohlwini lwabadlali okusangenzeka basijoyine isikwatini ngenxa yokuthi idolo alimale kulo kuthiwa lizolulama emasontweni amane kanti umdlalo wabo wokuqala neScotland ngoSepthemba 10.
UKolisi, obe ngukaputeni wokuqala omnyama ukuqukula iWebb Ellis ngo-2019, uzobuyisa ifomu ngemidlalo emibili yokungcweka neWales neNew Zealand.