KUBUKEKA limfimfa ikusasa lomdlali wamaBhokobhoko, u-Elton Jantjies ngemuva kwezindaba zokuthi uzokhululwa ekhempini leqembu lesizwe, eliseBeunos Aries, abuyiselwe kuleli.
Lezi zindaba zivele ngemuva kokuthi elinye lamaphephandaba angeSonto libike ukuthi lo mdlali oshadelwe, uthandana nomunye oyisesebenzi eqenjini lesizwe.
UJanjties noZeenat Simjee oyi-dietician kumaBhokobhoko, bebese-Argentina lapho iqembu lilungiselela ukubhekana nePumas ngoMgqibelo. NgeSonto i-SA Rugby ikhiphe isitatimende esithi laba bobabili basendleleni ebuyayo.
Le nhlangano ikhiphe lesi sitatimende ngemuva kombiko weRapport odalule ukuthi laba bobabili bebesebenzisa igumbi elilodwa kwezinye zezindlu zokuvakasha eNelspruit emasontweni edlule.
“Abaphathi bamaBhokobhoko bayazi ngemibiko ethinta umdlali wamaBhokobhoko oyi-flyhalf, u-Elton Jantjies ne-dietician yeqembu uZeenat Simjee ngokwenzeke ekhempini eSabie, nomdlalo we-test neNew Zealand eMbombela ngasekuqaleni konyaka. Akukho okuphambene nemigomo yeqembu okwenzeka kodwa laba bobabili babuyela eNingizimu Afrika ukuzobhekana nale mibiko ngokwabo ukuze kungabikho ukuphazamiseka kweqembu njengoba lilunguselela umdlalo we-Argentina.”
Ngasekuqaleni konyaka uJantjies (32) uke waba sobishini ngesigameko esenzeka endizeni ye-Emirates. Wayesolwa ngokuhlukumeza umsebenzi ongumsizi endizeni, wabekwa necala lokucekela impahla. Wakwazi ukuphunyuka kulezi zinsolo enkantolo njengoba manje esebuyele ekubeni sematheni ngemuva kokuthi izakhamuzi ziqinisekise ukuthi uyena lona owayehamba nowesifazane ongesiyena umkakhe kwezinye izindawo (ezimbili) zokuvakasha.
Ngokubika kweRapport imithombo ithe uJanjties nalona wesifazane babenemizuzu evutha amalangabi futhi “babezikhululekele”. Kuthiwa kukhona abaze bakhala kubaphathi bendawo yokuvakasha ngoba bethi abasakwazi ukulala entathakusa ngenxa yomsindo oqhamuka egunjini likaJantjies.
Ezinye izinsolo zithi uJanjties wahamba ngaphambi kokukhokhela isikweletu sika-R4000, waya koqasha kwenye indawo yokuvakasha lapho wenza khona izindleko ezifika ku-R26 000, wagcina ekhokhe u-R5000 kuphela. Kubikwa ukuthi imali yasebenza kakhulu esiphuzweni, i-champagne, izimbali, indawo yokubhucwabhucwa (spa) nezidlo zakusihlwa okwakukhanyiswe kuzo amakhandlela. UJantjies ushadelwe u-Iva Ristic, banezingane ezintantu.