INTOKAZI yaseKilmon, ngase-Underberg, KwaZulu-Natal, iveza ukuthi umqeqeshi wayo uMichael "Sponge" Seme uyidonse ngendlebe ukuthi ingalinge izithele ngabandayo kumaWorld Half Marathon Championships, ngeSonto, eRiga, eLatvia.
Ukufika kuzwakale kwezokusubatha kukaCacisile kuholele ekutheni afakwe eqenjini labangu-14 elizomela elakuleli emqhudelwaneni.
KwiHalf Marathon kwabesifazane bakuleli, uzoyibamba noGlenrose Xaba, Cian Oldknow noKesa Molotsane.
Kwabesilisa ziholwa wuqweqwe uStephen Mokoka, Thabang Mosiako, no-Elroy Gelant.
Ku-5km, kwabesifazane kunoTayla Kavanagh noKyla Jacobs.
Kwabesilisa elakuleli ligadla ngoNicolas Seopesengwe noMaxime Chaumeton. KweleRoad Mile (1.609km), kunoRyan Mphahlele noCarina Viljoen.
UCacisile waziwa ngokuba mandla kakhulu emabangeni i-5000m kuya ku10km.
NgoJuni 3 ulale endaweni yesikhombisa kwiNelson Mandela Bay Half Marathon, eGqeberha.
EGqeberha ulandele uGlenrose Xaba ngesikhathi esiwu-1:09:46.
Amagalelo kaSeme kawadingi ukuchazwa kwezokusubatha. Phakathi kwabagijimi abadlule ngaphansi kwesandla sakhe, kukhona uCaster Semenya naye uMokoka.
"Ngijabule kakhulu ngokuyomela izwe lami eLatvia. Ubaba uSeme ungitshele ukuthi ngikuthokozele ukumela izwe lami. Ngaleyo ndlela ngeke ngibe nengcindezi.
Ungeluleke nangokuthi ngingasatshiswa ngabagijimi bakwamanye amazwe. Isifiso sami wukuhlale ngingena emaqenjini esizwe. Lokho kuzongenza ngikhule kulo mdlalo," kubeka uCacisile.
Umengameli we-Athletics South Africa (ASA), uJames Moloi, ulifisele inhlanhla iqembu lakuleli.
"Njengoba niyoqhudelana nabanye ezingeni lomhlaba, kusho ukuthi ningabasubathi bezinga eliphezulu. Kasinifakeli ingcindezi kodwa kumele nazi ukuthi kungumsebenzi wawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuyilwela," ubavalelise ngala mazwi abasubathi uMoloi.
Ukhuluma kanje kusanda kuvalwa ngehlahla eqenjini le-ASA ebelithunyelwe kumaWorld Athletics Championship ngo-Agasti, eBudapest lingabuyi naneyodwa indondo.