UKUQOKELWA eqenjini elizomela iNingizimu Afrika kuma-IAU 50km World Championships, kuphoqe uJenet Mbhele ukungayi kwiSanlam Cape Town Marathon, engo-Okthoba 15 eKapa.
Le ntokazi yaseMzimkhulu, iqokelwe eqenjini labasubathi abawu-12 abaya kulo mqhudelwano ongoNovemba 5, e-India.
Enye intokazi yaKwaZulu-Natal (KZN) eqokiwe wuMakhosazana Mhlongo. Kwabesilisa kukhona uNkosikhona Mhlakwana, Pule Sibeko noSikhumbuzo Seme.
Igama likaJenet, ogijimela iXcel Running Club, kaliconsi phansi kulandela ukuthi kube wuyena yedwa wase-KZN kubona bobubili ubulili ongene kwabayishumi bokuqala kwiComrades Marathon yakulo nyaka, ebisuka eCity Hall, eMgungundlovu yaphela eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini.
Wenze isikhathi esiwu-6:27.14, ekubeni bekungokokuqala eyigijima.
UJenet utshele Isolezwe ukuthi kuphoqe ukuthi ingabuyeli kulo nyaka kwiCape Town Marathon njengoba ezimisele ngokwenza kahle e-India.
"Abaphathi bami bathi kulo nyaka ngigijime imijaho eminingi yamabanga amade. Basaba ukuthi uma ngingase ngiye eKapa ngizophazamiseka emalungiselweni ami ase-India. Ukuhala ngeke kungisize ngalutho. Kumele ngisebenzele phezu kohlelo olubekiwe. ICape Town Marathon sengiyoyibona ngonyaka ozayo," kusho uJenet.
Uthe yize enze kahle kwiComrades kodwa akuchazi ukuthi izinto zizoba lula e-India.
"Ukugijima akulula njengoba abantu becabanga. Ungaba namalungiselo amahle kodwa uma sekuwusuku lomjaho, umzimba ungavumi. Ngithandaza uNkulunkulu wami, ukuthi angisize ngoNovemba 5, ngivuke umzimba wami uphila saka.
Nakuba ngingafuni ukuzifakela ingcindezi kodwa kungangijabulisa ukunqobela izwe lami indondo,“ kusho uJenet.
Kuzoba ngokwesibili emela elakuleli emqhudelwaneni womhlaba.
Ngo-2018 wayeseqenjini le-Half Marathon eSpain.
Kulo nyaka wuye uJenet kwabakuleli ofike kuqala esiphethweni sabesifazane kuma-SA Marathon Championships. Sekuhlanganiswe nabagijimi bangaphandle, ulale eyesine. Unyaka wawuvula ngokulala isibili kwiPrince Mangosuthu Buthelezi Ultra 52km Marathon, enza isikhathi esiwu-3:27.39.