UHLABEKE umxhwele umqeqeshi, uSandile Ngcobo, ngendlela iqembu lakuleli le-Sevens lombhoxo, elifeze ngayo izithembiso zalo ngokunqoba isicoco saseDubai.
IBlitzbokke iguqise i-Ireland ngo-21-5 kowamanqamu ngeSonto, yazibeka esicongweni kwi-log yeWorld Sevens Series.
Ngaphambi kwalo mqhudelwano, inqwaba yabadlali baleli qembu bathembisile ukuthi bazolwela ukubuyisa isithunzi salo ngemuva kokuqeda endaweni yesikhombisa emqhudelwaneni wokuvula isizini eHong Kong.
“Empeleni anginawo amazwi. Lokhu kunqoba kusho lukhulu ezinhlelweni zethu futhi kuwumvuzo womsebenzi onzima esiwenzile. Kuphinde kukhombise ukuthi leli qoqo labadlali lilwa kangakanani,” kusho uNgcobo.
“Ziningi izinto ezenzekayo ngaphambi komqhudelwano ofana nalona abantu abangaziboni njengokuthi abadlali basebenza kanzima kangakanani ukuze balungele ukubhekana nempi.
“Kufanele siziqhenye ngokubambisana kweqembu. Ngicabanga ukuthi sekuseduze ukuthi sifike ezingeni lethu eliphezulu kodwa sisekhona isidingo sokuthuthuka.”
Ukaputeni, uSiviwe Soyizwapi, naye ulincomile iqembu ngokuthola imiphumela ebeliyidinga ukuze libuyise ukuzethemba ngaphambi kokuthi lidlalele ekhaya, eKapa, kule mpelasonto.
“Sizimbele umgodi ngemiphumela engemihle ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ngakho lokhu kufike ngesikhathi esifanele kithina,” kusho uSoyizwapi.
“Sisebenze kanzima ekhaya saphonselana inselelo saphinde sakhumbuzana ngokulindeleke kuwo wonke umuntu. Ngingathi le ndebe ilethwe ukusebenza kanzima.
“Sikubheke ngabomvu ukudlalela ekhaya futhi sifuna ukuphumelela phambi kwabalandeli bethu. Sithola ithuba elilodwa ngesizini lokudlala phambi kwemindeni yethu, abangani nabalandeli bethu, ngakho sifuna kube umqhudelwano oyimpumelelo," uphethe kanje.
EKapa, ezikaSoyizwapi zizoqala kuPool A lapho ziqhathwe khona neFrance, Fiji and Canada. Lo mqhudelwano uzoqala ngoLwesihlanu uphele ngeSonto.
AmaBlitzbokke asesicongweni kwiWorld Sevens Series ngamaphuzu angu-32, alandelwe yi-Australia enamaphuzu alinganayo. I-France ilele endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-30.